IBayern ingase iphuthwe eseligi nese-Uefa Champions League: Kane


Usephosele ozakwabo inselelo yokuthi babhukule umgadli weBayern Munich uHarry Kane.
IBayern yehlelwe yifomu ngesikhathi esimqoka sesizini. Izolo ebusuku ithelwe othulini yiLazio emlenzeni wokuqala womdlalo weLast 16 ye-Uefa Champions League obuseStadio Olimpico.
UCiro Immobile uvalele enethini iphenathi ngomzuzu wama-69 ukwenza isiqiniseko sokuthi ezakhe zibhekisa amabombo kwelamaJalimani lihamba phambili.
IBayern ithola isibhaxu kuChampions League nje ngempelasonto edlule ibhaxabulwe yiBayer 04 Leverkusen ngama-3/0 emdlalweni omqoka weGermany Bundesliga eBayArena.
Njengamanje iBayern isisele ngemuva kuBayer 04 Leverkusen ngamaphuzu amahlanu.
ILeverkusen iqhwakele ngamaphuzu angama-55 emidlalweni engama-21 yeligi. Ngakolunye uhlangothi iBayern isiqoqe angama-50 ngemuva kwemidlalo efanayo.
Umgadli weqembu lesizwe lase-England utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi bazimisele ngokuphendula amatafula.
“Ithemba asililahlile. Sisenalo ithuba kuyona yonke imiqhudelwano. Namuhla (izolo ebusuku) asizange sidlale kahle kodwa sinethuba lokujika izinto ekhaya emasontweni amabili azayo. Sesimeni esingesihle njengeqembu (uma kukhulunywa ngefomu) lokho ngeke sikufihle. Kumele sisebenze kanzima ukuguqula imiphumela,” kubeka uKane ngemuva komdlalo weLazio.
NgeSonto ngelesi-6.30 ntambama, iBayern izovakashela iVfL Bochum emdlalweni weligi. Umlenze wesibili weChampions League neLazio uzodlalwa mhla zinhlanu kuNdasa.
“Sisabhekene nenqwaba yemidlalo emikhulu esisazoyidlala. Kunezinto ezinkulu esisanethuba lokuzilwela. Lokho kuzosifaka ugqozi. Asikaphumi kuChampions League. Asikaphumi embangweni wesicoco seligi. Ngakho ngeke sililahle ithemba. Sizoqhubeka nokulwa. Sidinga umdlalo owodwa nje ukuphendula amatafula. Ibhola linjalo. Kwesinye isikhathi udinga umphumela owodwa ukuguqula izinto,” kuqhuba uKane.
IBayern ayisekho kuGerman Cup. Yaphuma emzuliswaneni wokuqala ngoLwezi.
“Sizosebenza kanzima ejimini. Ngeke sibhekise amakhanda phansi. Sizolwa kuze kube yisekugcineni.” kuchaza uKane.