Ubonga iTeam of Choice uHlongwane
Ubonge iMaritzburg United ngokuvundulula ikhono lakhe umdlali weBafana Bafana uBongokuhle Hlongwane oseyogijima phesheya kwezilwandle. ITeam of Choice ikhiphe isitatimende imemezela ukuthi seyivumelene neMinnesota United edlala kuMajor League Soccer (MLS). UHlongwane usayine inkontileka yeminyaka emithathu naleli qembu laseMelika. “Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge iMaritzburg United ngokunginika ithuba lokuveza ikhono lami. Namuhla nje ngaziwa ngenxa yeMaritzburg.
Ukube ayinginikanga leli thuba ngabe angikho lapho engikhona njengamanje,” kubeka uHlongwane. Lo mdlali odabuka eMgungundlovu usephenduke omunye wabadlali abamqoka kuBafana Bafana.
“Angeke ngikhohlwe ngabalandeli beqembu abebeliseka ezimeni ezinhle nezimbi. Ngifisa ukubabonga ngokukholelwa kimina,” kuqhuba uHlongwane. KuTeam of Choice unyuselwe eqenjini elikhulu ngo-2019. Ngemuva kwalokho akabange esabheka emuva. “Nginemizwa eyehlukene. Angeke ngiqambe amanga ukudlala phesheya yiphupho lami enganginalo kusukela ngimncane. Ngeneme ngokuthi manje selifezekile. Okubuhlungu wukuthi ngizoshiya umndeni wami. Ngiyaqonda ukuthi angeke kubelula ezweni elisha kodwa ngizoya ngizinikele ngokuphindiwe. Impilo injalo-ke. Uma ufuna ukuphumelela kumele kube nezimo ezinzima odlula kuzona.” kuchaza uHlongwane.