UKodwa akawuvali umlomo ngokuzinikela kweBafana
Akawuvali umlomo ngeBafana Bafana uNgqongoshe Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko eNingizimu Afrika uZizi Kodwa ngemilingo eyenziwe yiqembu lesizwe ku-Africa Cup of Nations (Afcon) kwelase-Ivory Coast.
IBafana iqede endaweni yesithathu ngemuva kweminyaka engamashumi amabili nane idonsa kanzima kulo mqhudelwano omkhulukazi webhola e-Afrika.
Iqumbe phansi iDRC Congo sekukhahlelwa amaphenathi ngempelasonto eStade Bouake ngemuva kwalokho yahlabana ngendondo yethusi.
UKodwa utshele abezindaba esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, eGoli namuhla ekuseni ukuthi iyaziqhenya ngeBafana.
“Ngemuva kokudliwa yiMali ngehla ngaya ezindlini zokushintshela ngafika ngabakhuthaza abafana. Okwafika kwangihlaba umxhwele wukuthi yize babedliwe kodwa wawubona ukuthi sibophele ithimba lamasosha azimisele ukulwela izwe,” kubeka uKodwa ohlale e-Ivory Coast kwaze kwaphela umqhudelwano.
IBafana yamukeliswe okwamaqhawe namuhla ekuseni esikhumulweni sezindiza. Abalandeli bebechichima injabulo. Baphume ngobuningi babo ukuzojabulela iqembu lesizwe. Bekhona nomengameli we-EFF, uJulius Malema.
“Ngemuva komdlalo weBafana neMali bakhombisa ukuthi bazimisele ukulwela izwe. Basenze saziqhenya baphinde babuyisa udumo lweBafana. Siyethemba bazoqhubeka nalo mgqigqo emidlalweni ezayo.” kuchaza uKodwa.
IBafana yagcina ukuqeda endaweni yesithathu ku-Afcon ngowezi-2000 kwelaseNigeria naseGhana abebesingethe lomqhudelwano ngokuhlanganyela.
Kusukela lapho iBafana ayikaze iphinde yenze kahle ku-Afcon. Ukaputeni weqembu uRonwen Williams weneme ngokusekwa abakuthole esikhumulweni sezindiza.
“Umqeqeshi (uHugo Broos) ubehlale eshumayela ivangeli lokuthi ukwesekwa sizokuthola ngokuzuza imiphumela emihle. Nangempela kuya ngamagama enkehli njengamanje. Eminyakeni eyedlule besenza kahle kodwa singenawo umgqigqo. Uma ngibheka manje sisahlulwe imidlalo emithathu kule minyaka emithathu eyedlule. Sonke siyabona umsebenzi omuhle owenziwa ngumqeqeshi nethimba lakhe. Noma kunjalo kodwa ukusekwa besingakutholi. Ngakho kuthathe into eyesiphesheli ukubuya uthando lwabantu okuwukuqeda endaweni yesithathu nokufinyelela kowandulela amanqamu. Ngijabule ukuthi uthando lweBafana selibuyile. Ngihlale ngisho sinzima uma sibambisene njengesizwe,” kulandisa uWilliams.