Now Reading
Ayaphela amahlathi kolwaseCatalonia neSpain
Dark Light

Ayaphela amahlathi kolwaseCatalonia neSpain

NgoLwesibili iSishayamthetho senhlangano yamazwe ase-Europe i-European Union (EU) sihoxise ukuvikelwa kowayenguMengameli wesifunda iCatalonia uCarles Puigdemont kanye nozakwabo ababili. Lesi senzo singase sivule umnyango wokushushiswa kulaba. UHulumeni waseSpain usamukele ngentokozo lesi sinqumo osibize ngokunqoba komthetho kanye nakulabo abafuna ukuklaya phakathi leli lizwe. 

Akungabazeki ukuthi lesi sinqumo sizokwelula umdonsiswano wezomthetho osuthathe iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha wokushushiswa kwalaba njengoba belwa bethi iSpain ayinalo igunya lokubashushisa. Angama-400 amalungu eSishayamthetho avume ukuthi i-EU ihoxise ukuvikela uPuigdemont, angama-248 asiphikisile lesi siphakamiso kanti angama-45 aligodlile ivoti. 

Izibalo zicishe zifane nakozakwabo uToni Comín owayeNgqongqoshe Wezempilo kulesi sifunda kanye noClara Ponsatí owayenguNgqongqoshe Wezemfundo. 

Ephawula ngalokhu uPuigdemont uthe: “Silahlekelwe ukuvikeleka, kodwa iSishayamthetho se-EU silahlekelwe okukhulu, silahlekelwe idemokhrasi.” 

Uqhubeke wathi: “Kucace bha! Ukuthi kunogcobho lwezepolitiki. Ngeshwa iSishayamthetho sase-Europe sizifake kulo noxhaka”. 

UPuigdemont kanye neqeqebana labagqugquzeli bokuphuma kweCatalonia babalekela eBelgium ngoMfumfu wangowezi-2017, besaba ukuboshwa emuva kokuthi izinkantolo ezahlukene eSpain kanye noHulumeni bevumelana ukuthi imiphumela yokuvota eyavuna ukuhlubuka kweCatalonia ayikho emthethweni. 

Ngowezi-2019, uPuigdemont nozakwabo ababili banqoba izihlalo eSishayamthetho se-EU okwabe sekusho ukuthi bangaphansi kokuvikelwa yilesi Sishayamthetho. UPonsatí uthe bazosiphosela inselelo lesi sinqumo eNkantolo Ephezulu ye-EU eseLuxembourg. 

Uqhubeke wathi: “Sinezizathu eziqinile zokusiphosela inselelo lesi sinqumo. Lolu daba luphathwe ngokuxhamazela nangaphansi kwengcindezi. Kunabathize akade bezozuza kulesi sinqumo abavunyelwe ukuba yingxenye yokuvota.” 

UNgqongqoshe Wezangaphandle eSpain u-Arancha González Laya uthi isinqumo seSishayamthetho sikhombisa ukuthi uPuigdemont nozakwabo angeke basebenzisa izihlalo zeSishayamthetho ukucashela ingalo yomthetho. 

Esitatimendeni uLaya uthe lesi sinqumo sisho ukuthi: “Izinkinga zeCatalonia zixazululwa eSpain, hhayi e-Europe.” 

UDolors Montserrat weqembu i-European People’s Party ophinde abe yilungu leSishayamthetho ku-EU uthe: “ISpain inqobile, i-Europe inqobile, idemokhrasi inqobile. UPuigdemont uyisigilamkhuba okumele siziphendulele ngaphambi kwezinkantolo eSpain.” 

U-Iratxe Garcia Perez ongumholi weqembu iS&D Socialist Group uthe: “ISishayamthetho se-EU asehluleli muntu. Siqinisekisa kuphela ukuthi umthetho uthatha indawo yawo. Iningi likucacisile ukuthi lifuna ukunika ingalo yomthetho yaseSpain ithuba lokuthatha indawo yayo”. 

gowezi-2017, nakuba abantu baseCatalonia bavotela ukuhlubuka kuSpain kodwa uHulumeni wakuleli lizwe wathi akukho emthethweni lokhu okwabe sekuqala ukuzingelwa kwabagqugquzeli. Lokhu kwaholela ekutheni kutholane phezulu abantu bakulesi sifunda namaphoyisa okwashiya inqwaba ilimele abanye baboshwa. 

See Also

ISpain ibisizame kaningi ukuxoxisana noHulumeni waseBelgium. UChrista Wirthumer-Hoche onguSihlalo we-EMA ukuthi ubuyise uPuigdemont ukuze azoziphendulela ezinsolweni abhekene nazo. 

Njengamanje leli lizwe lithole ithuba elisha lokumshushisa. Kusukela ngowezi-2017 lonke ukhetho lukhomba ukuthi abantu bahlukene phakathi kule ndaba yokuzimela kweCatalonia. 

Okhethweni ebelungenyanga eyedlule, iqembu elivuma ukuhlala kwalesi sifunda eSpain iSocialist Party eliphinde lihole uHulumeni wokubambisana kulesi sifunda, linqobe ngamavoti amancane lihlula amaqembu alwela ukuzimela kwalesi sifunda. 

Kamuva nje izinqumo kunemibuzo ngokwenza kwe-EU. Le nhlangano iyehluleka ukuhlinzeka amalungu ayo ngomgomo wokhuvethe kanti amanye amazwe afana neSlovakia, iHungary ne-Italy aseqome ukuyowufuna eRussia. 

Lokhu kufaka ukudideka ukuthi ngabe le nhlangano ayideleleki yini uma amalungu ayo eya lapho eyawatshela ukuthi angayi khona kulandela ukudliswa ushevu kuka Navalny. 

Uma le nhlangano isinikezela ngamalungu ayo eSishayamthetho ukuthi ashusiswe, konke lokhu kufaka imibuzo eqhubekayo nokungcola. 

Scroll To Top