Now Reading
Kulokhu yi-China engenhla, iMelika iyayidinga
Dark Light

Kulokhu yi-China engenhla, iMelika iyayidinga

Kuleli khulu nyaka esiphuma kulo ipolitiki yomhlaba yabe inempendulo eyodwa uma kufika ekutheni ngobani abaphathi bomhlaba, kwipolitiki, umnotho kanye nakwezempi.

Impendulo yayithi iMelika. Lokhu nje besekwamukelekile futhi nayo iMelika kungekho ekwaziyo ngaphandle kwalokho. Ngalamandla noma ubuqhude iMelika ikwazile ukuzuza okuthile cishe kuwo onke amazwe nokho itshe seligaya ngomunye umhlathi muva nje. Ingcebo namandla lelizwe bekuyibutha ngisho phezu kwenciki. Futhi emazweni ama-Arabhu nayilapho kubatshazwa ubugovu beMelika obekuthi abantu befa kepha bona benze ingcebo khona lapho.

Nokho muva nje impendulo kayisaqondile, kayisekho yinye. Akuseyona yodwa iMelika eyiqhude kwipolitiki yezomnotho nepolitiki yesimomazwe kepha sekunabanye njengayo. Leli qhude elisha neselimzwezwe yi-China eholwa nguMengameli uXi Ping. Izinkomba zithi eminyakeni nje embalwa ngowezi-2023 iChina izoyedlula iMelika ngokuba yisikhondlakhondla kwezomnotho.

Izinkomba sezikhona. Ngokocwaningo labakwa Bloomberg Economist ubuqhude beChina ngokwemikhiqizo yasekhaya izoyidlula iMelika kuze kube ngonyaka we-2040. Akugcini nje ngomnotho ngoba nakubo ubuchwepheshe iChina ilapha entanyeni kuMelika. Bheka nje ngoba kuthiwa iChina isinama -75 % uma kukhulunywa ngobuchwepheshe obunhlobonhlobo. Lokhu ngokocwango iChina kulomkhakha izokwedlula iMelika kusuka ngowezi-2035.

Kulokhu kwepolitiki yesimomazwe iChina isizicabele indlela kumazwe ase-Afrika yayikhipha le i-Melika namazwe asentshonalanga. Kayigcinanga lapho iChina ihola ibutho eliphikisana ngqo nalawo aholwa yiMelika nezayo njenge G7, Nato namanye. IChina yona ihola i- BRICS ehlanganisa amazwe angekho ngaphansi kwentshonalanga. Kuqale kwayi India, iRussia iBrazil neNingizimu Afrika. Muva nje sekuzongena i-Saudi Arabia, i-Egypt, Ethopia , Argentina ne UAE.

Lamazwe ehlangene aphethe okuningi okudingwa ngumhlaba neMelika. Ngokusho kwabe International Monetary Fund (IMF) umnotho waseChina uzokhula ngama -5.4% nonyaka kuthi ngowezi-2028 ukhule ngama-3.5%. Umnotho weChina ulinganiselwa ku $18 trillion. Konke lokhu kuyayikhathaza iMelika, osomnotho bakhona nabanye yikho sebeqale nomkhankaso wokubeka amathize thize uma kukhulunywa ngeChina ehamba phambili. Sebeqalile ukugxibha umholi wakhona uXi Ping nabathi ungundlovukayiphikiswa.

See Also

Kwabaningi lona ngumdlalo omdala weMelika nabaseki bayo, ukuthi uma ekwehlula mnyundele, xova ipolitiki yezwe noma ubanswinye. IChina namazwe engabalingani nayo bayakwazi lokhu futhi kubukeka bekulindele. Udaba nje lwase Ukraine naseGaza lisitshengisa umlabalaba lamazwe awudlalayo ukutshengisa ubuqhude. Lamazwe awakaze avumelane ngokuningi ku-United Nations nokwenza lolahlaka lube yinja engenamaziyo.

Kuleli sonto uBiden uhlangene noXi Ping. Bahlangana nje kuningi obekusetshenzwa ngasese kakhulukazi ngasohlangothi leMelika nehlose ukwehlisa ukucija kwemikhonto phakathi kwalamazwe empeleni okwaqala ukonakala ngesikhathi sika Trump. IMelika ibukeka ingasekho nkamunkamu empini ese-Ukraine nokugqame lapho iphalamende lakhona lingayizwa eyokuxhasa i-Ukraine kunalokho lithi ake kulekelelwe u-Israeli.

NgokweMelika yiChina kuphela engadambisa i-Russia. Uma kufika ekuphepheni kuka-Israeli iMelika iyazi ukuthi yiChina engaba namandla phezu kwe-Iran engaba yingozi ku-Isreali nakumnotho othinta uwoyela nentengo yawo enhlabeni jikelele. Konke lokhu kwenzeka ngoba iMelika ayiselona iqhude elikhonya lodwa sekukhona abanye.

Scroll To Top