Kumqinise idolo ukugxekwa uBroos


Akuzange kumthene amandla ukugxekwa nxazonke umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
Lo mqeqeshi uke wagxekwa kakhulu ngendlela aqoka ngayo abadlali kuBafana. Uphinde wazakhela isigcwagcwaba ngokubeka iqiniso ngembaba.
UBroos utshele abezindaba ngemuva kokuqumba phansi iMorocco kowe-last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ukuthi akazange aphele amandla ngokuthukwa ngapha nangapha.
Elakuleli lithele i-Atlas Lions (iMorocco) ngamagoli amabili eqandeni, avalelwe phakathi u-Evidence Makgopa noTeboho Mokoena emdlalweni obuseStade de San Pedro kwelase-Ivory Coast ngoLwesibili ebusuku.
“Kumqoka ukuthi abadlali bazethembe. Ukuzethemba ukuthola ngokunqoba imidlalo yebhola. Besidinga isikhathi ukuze sakhe iqembu esizokwazi ukuhlasela ngalo izizwe. Ngaleso sikhathi ngithole okukhulu ukugxekwa eNingizimu Afrika ngenxa yendlela ebengikhetha ngayo isikwati. Nokho ngangazi ukuthi ngenzani. Ngangiqonda kahle futhi ukuthi imiphumela kumele ilandele. Usuyabona manje ngisho abadlali abadlala eNingizimu Afrika ukuthi sebelinyuse kangakanani izinga. Ukuzethemba kwabo kuphezulu. Abasasabi lutho,” kuchaza uBroos.
IBafana isizobhekana neCape Verde ngoMgqibelo ngele-10 ebusuku eStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro emdlalweni we-quarterfinal.
“Ukuhamba kwethu leli banga kuyizimpawu ezinhle ngokuthuthuka kwebhola laseNingizimu Afrika. Asiqhubeke silwele ukwenza kahle. Asingabe sisabheka emuva. Ayikho imfihlo engakanani ngale mpumelelo yethu. Iqembu liyazikhandla, liyazinikela futhi lenza lokhu engibatshela kona. Ayikho into ejabulisa umqeqeshi njengokubona abadlali befuna ukufela enkundleni. Imiphumela iyazikhulumela,” kuqhuba uBroos.
IBafana ibheke ukuqeda ishwa leminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ihlulwa wukuthola isicoco se-Afcon.
Selokhu yagcina ukuphakamisa lesi sicoco ngowe-1996 ngesikhathi isingethe i-Afcon ngaphansi kukaClive “The Dog” Barker osanda kudlula emhlabeni.
“Umqeqeshi onqoba umdlalo ngumqeqeshi osuke eqhamuke namaqhinga angcono osukwini. Ibhola nje linjalo. Ukube iMorocco iwavalele phakathi amathuba ewatholile yanqoba umdlalo ngabe sikhuluma okunye. Umqeqeshi wayo nguyena engabe uyanconywa. Mina ngabe ngiphendula ukuthi sidliwe kanjani. Siyihlaziye kahle iMorocco. Besingaqali ukubhekana nabo. Iqembu labo siyalazi ngoba aliguquki. Banabadlali abasheshayo. Besazi ukuthi kumele sidlale kanjani. Inhlanhla-ke nayo uyayidinga ebholeni. Ibe nathi ngesiwombe sesibili. Bageje iphenathi namanye amathuba. Sidlale ngendlela eyehlukile kuneminye imidlalo. Amaqhinga esiwasebenzisile bekumele siwasebenzise. Iqembu eliqinile ebesibhekene nalo.” kuphetha uBroos.