EzikaBroos nomqansa wokuqeda isikhwakhwalala seminyaka
IBafana ihlalelwe ngumqansa wokuqeda isikhwakhalala seminyaka engamashumi amabili ihlulwa wukushaya iqembu lesizwe laseMorocco ku-Africa Cup of Nations (Afcon). Elakuleli lizobhekana neMorocco kusasa ngehora le-10 ebusuku emdlalweni we-Last 16 ye-Afcon. Umdlalo uzobanjelwa eStade de San Pedro kwelase-Ivory Coast.
INingizimu Afrika ayikaze iyishaye i-Atlas Lions kusukela la mazwe aqala ukuhlangana okokuqala ku-Afcon ngowezi-2004 kwelaseTunisia. La mazwe adlala ngokulingana ngo 1-1 eqala ukuhlangana ku-Afcon ngowezi-2004 eTunisia.
UPatrick Mayo nguyena owashaya igoli, iBafana ibambama ngo 1-1 neMorocco. Ngaleso sikhathi iBafana yayiholwa nguStyles Phumo ongasekho emhlabeni. Yagcina iphume kweyamaqoqo. Ngowezi-2013, la mazwe aphinde atholana phezulu kweyamaqoqo e-Afcon ngesikhathi lo mqhudelwano ubanjelwe eNingizimu Afrika.
Wagcina uphele ngo 2-2 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Amagoli eBafana abhanjiswa ezintanjeni nguMay Mahlangu noSiyabonga “Nsimbi” Sangweni. IMorocco yaphuma esigabeni samaqoqo kwathi iBafana yadlulela kwesomkhumulajezi.
La mazwe azobe eqala ukuhlangana kwesomkhumulajezi we-Afcon kulo nyaka.
IMorocco izobe ibheke ukuvikela irekhodi layo elihle uma ibhekene neBafana kulo mqhudelwano. Ngowezi-2019 kwelaseGibhithe elakuleli laguqiswa yiMorocco ngo 1-0 kweyamaqoqo.
I-Atlas Lions iyona ethwelwe ngeqoma ukuthi idle umhlanganiso kulo nyaka ngenxa yezimanga ezigile eNdebeni yoMhlaba kwelaseQatar ngowezi-2022.
IMorocco iqophe umlando iba yizwe lokuqala emlandweni webhola e-Afrika ukungena kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba.
Ngaphezu kwalokho isanda kuqokwa njengeqembu lesizwe elivelele e-Afrika. Ikleliswe endaweni yokuqala e-Afrika kanti iyibambe kweyeshumi nantathu emhlabeni jikelele.
IMorocco ihlalelwe ngumthwalo wokuqeda ishobolo leminyaka engama-48 ingasinqobi isicoco se-Afcon.