Akanalo noluncane uvalo umqeqeshi weBafana ngokubhekana neMorocco
NgoLwesibili ngehora le-10 ebusuku eStade de San Pedro kwelase-Ivory Coast, iBafana izodudulana ne-Atlas Lions emdlalweni we-last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon).
IMorocco iqede esicongweni kuGroup F ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu kwathi iBafana yayibamba endaweni yesibili kuGroup E ngamaphuzu amane emidlalweni emithathu.
Njengamanje elaseMorocco yilona elithwelwe ngeqoma ukuthi lizohamba ibanga elide ku-Afcon.
Iyona eklelisweni endaweni yokuqala e-Afrika kanti emhlabeni iyibambe endaweni yeshumi nantathu okuyenza kube yilona iqembu eliphuma kwelase-Afrika eliphezulu.
“Siyalazi futhi siyaliqonda leli qembu. Silazi kahle ukuthi lidlala kanjani ngoba phela sike sabhekana nalo phambilini,” kuchaza uBroos exoxa nabezindaba ngoLwesihlanu.
IMorocco ifinyelele kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba ngowezi-2022 kwelaseQatar.
Ngokwenza lokhu ibe yizwe lokuqala emlandweni webhola e-Afrika ukungena kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba.
Manje isibhekwe ukuthi yekhale yemuke nesicoco se-Afcon. Indlela yayo ku-last 16 idlula kuBafana.
“Sike salishaya leli qembu ngakho ngiyakholwa wukuthi ayikho into engenzeki. Uma sibhekana imiphumela yakamuva ku-Afcon isidweba sicace bha isithombe sokuthi ayikho into engenzeki,” kulandisa uBroos.
IBafana ibambe umoya ngoKhuliso Mudau noMothobi Mvala abathinteke emdlalweni odlule welakuleli neTunisia.
“Ngiyakholelwa kubadlali bami. Ngiyakholwa ukuthi bangakwenz kwenzeke (ukushaya iMorocco). Nami ngazi kahle kamhlophe ukuthi bayazethemba,” kubeka uBroos.
IMorocco ilwela ukuqeda isikhwakhalala seminyaka engama-48 ihlulwa wukuphakamisa isicoco se-Afcon. IBafana yona ibhekene neshobolo leminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ingayinqobi i-Afcon.

