Amakhomanisi agxeka inkampani ngokushona kwabavukuzi
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-South African Communist Party (SACP) isole i-Impala Platinum Mine ngokungazibeki izinyathelo ebezingavimba isigameko sakamuva endaweni yayo eRustenburg eNorth West. Abavukuzi abali-12 bashonile ngemuva kokugqashuka kwentambo ejikajikayo exhunywe endaweni yokuphakamisa ikheji emgodini wamayini.
UNobhala Jikelele we-SACP, uMnu uSolly Mapaila, usenxuse izinkampani zezimayini ezibeka inzuzo ngaphambi kwempilo yomuntu ukuba zithole izijeziso eziqinile. “I-SACP inxusa izinyunyana zaseSibanye ukuthi zihlangane zilwisane nokudilizwa kwabasebenzi abangama-575. Ngakho-ke, kufanele siqinisekise ukuthi abaphathi bezimayini bayaphendule ngokushona kwabasebenzi kanye nokulimala kwabo”, kuchaza uMapaila.
“Kungenhliziyo ebuhlungu kanye nokudabuka okukhulu ukuthi sidlulisa ukudabuka okukhulu emindenini nakubalingani babasebenzi basezimayini abalahlekelwe izimpilo zabo esigamekweni esibuhlungu esenzeke emayini ye-Impala Platinum. Sekufe abavukuzi abali-12 kanti abavukuzi abangama-75 banezibazi emzimbeni kanye nasemoyeni ngenhlekelele ebingagwemeka,” kunezela uMapaila.