UNgqongqoshe uchaza ngokubambezeleka kwezibonelelo zikahulumeni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNks uLindiwe Zulu, uthe ukubambezeleka kokukhokhelwa kwezibonelelo zikahulumeni kule nyanga kwabanye abaholayo kungenxa yohlelo oludingekayo lokuqinisekisa imininingwane ethize.
Izinkulungwane zabantu azikayitholi imali yesibonelelo kanti iSouth African Social Security Agency (Sassa) nayo iphinde yasho ukuthi ukubambezeleka kudalwe yiphutha ohlelweni lokuqinisekisa imininingwane yabahlomulayo kuloluhlelo.
Babalelwa kwizi-150 000 abahlomulayo okubikwa ukuthi bathintekile njengoba bengayitholanga lemali. UNksz uZulu uthe uhlelo olubambezile ilololokuhlola ukuthi abantu abafanelekile yibona abathola lezibonelelo.
“Kunohlelo lokuqinisekisa imininingwane ethile okumele lwenziwe- futhi lolu lwazi lwaziwa kakhulu ngabahlomuli abaningi besibonelelo sikahulumeni, iningi labo obekumele likwazi ukuya kwa-SASSA futhi likwazi ukuqinisekisa lolu lwazi. Inselelo esinayo ngeyokuthi uma imininingwane ingaqinisekisiwe kahle- uma i-SASSA isithola ukukhokhela abantu obekungamele bakhokhelwe- singena enkingeni enkulu ngisho nakuMcwaningimabhuku Jikelele.”
Ngeledlule abakwaSassa baveze ukuthi bangaphezulu kwezi-70 000 abantu abahlomula izibonelelo zikahulumeni abangazitholanga ngenxa yezenzo zokukhwabanisa ezitholwe kuma-akhawunti abo.
Okhulumela abakwaSassa, uMnu uPaseka Letsatsi, uthe lolu daba lwafika kubo lilethwa nguMcwaningi mabhuku-jikelele, nokwenze ukuthi kube nophenyo mayelana nokukhokhwa kwemali okuthile okungahambisani nomthetho.
ULetsatsi uthe, “Lolu daba lwasukunyelwa nguMcwaningi Mabhuku ukuthi kukhona imali ekhokhwa ezinombolweni ezithile okusuke kukhona okusolisayo. Kulokhu, uzothola ukuthi kunokwanda ngokuzumayo kwabantu abavula ama-akhawunti asebhange, okubhekiselwe ku-akhawunti eyodwa yasebhange. Uma siphenya sithola ukuthi ohlomula ngempela uma ezokhipha imali ekupheleni kwenyanga ufika imali ingekho ngoba ithathwe amaqola.”

