Ayiwuvali umlomo intsha yaseSibongile ngosizo lukaMasipala



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iswele amaphiko okundiza yinjabulo intsha yaseSibongile, eDundee efundiswa ukwenza imisebenzi yezandla wuMasipala wesifunda uMzinyathi ezobasiza bakwazi ukuziphilisa yona nemindeni yayo iphinde ikwazi nokuvula amabhizinisi ayo.
Le ntsha ehlanganisa abesifazane nebesilisa abali-13 bayingxenye yeqoqo lokuqala elinikezwa uqeqesho ukuba lusebenze ngepulangwe ngaphansi kohlelo lukaMasipala uMzinyathi olubizwa nge-Extended Public Works Programme (EPWP).

Le ntsha ebingazi lutho ngepulangwe ifundiswa ukwakha izingqwembe zoku-ayina, amawodrobhu, amadressing table namakhabethe. Bafundela emahhovisi abawahlinzekwe wuMasipala base bathengelwa nemishini yokusika edingakalayo ukuze umsebenzi wabo ube sezingeni elifanele. UNks uNtombizonke Ngobese ongomunye wabangaphansi kwalolu qeqesho uthi bafike bengazi lutho ngalo msebenzi kodwa bafundiswa.
“Besingakwazi ukukala, ukusika nokupholisha ipulangwe ukuze lishelele kodwa ngenxa kaMasipala uMzinyathi akukho esesingakwazi ukukwenza. Uma siphothula lolu qeqesho ngenyanga ezayo sihlela ukuthi sivule inkampani sikhiqizele ukudayisa. Imisebenzi kayisekho, siswele imilomo yokubonga kumasipala ngokusipha isinkwa esesizophila ngaso ingunaphakade, kusho uNks wakwaNgobese.
UNks uXoliswa Ndlela oyingxenye yalolu hlelo naye ubonge uMasipala ngokubanikeza ulwazi oluzobaphilisa.
“UMasipala usicoshe sibhuquza emakhaya singasebenzi manje sesizoba ngabanikazi benkampani sesizozisebenza senza wona lo msebenzi. Manje njengoba sisafunda nje kukhona uMasipala asipha khona sifika nathi emindenini siphethe opulasitiki sikwazi nokuthenga izinto zokugcoba. Sibonga kakhulu kuMasipala sithi thuthuka Mzinyathi thuthuka” kusho uNks wakwaNdlela.

IMeya kaMasipala wesifunda u-Ald PMS Ngubane uthi laba abenza lo msebenzi wepulangwe akusibo bodwa abaqeqeshwa umasipala njengoba kukhona nabanye abenza isisefo sokubiwa, izitina zokwakha namalimayo. “Sikwenza lokhu ngokulalela nokulandela izimfundiso zoMntwana waKwaPhindangene iNkosi uMangosuthu Buthelezi othi akukuhle ukuthi abantu abaxakekile banikwe izijumbane zokudla kodwa kuhle ukubafundisa imisebenzi abazokwazi ukuziphilisa ngayo. Sibonga izisebenzi zikaMasipala uMzinyathi nalabo abaqeqeshayo ngokwenza lo msebenzi ube impumelelo. Akungatshwazwa ukuthi le ntsha izophuma la seyenza nokukhulu ngoba sebenalo ulwazi lokuthi kwenziwa kanjani. Sizobabona sebenza ngisho okukhulu kakhulu kunalokhu okubalwa impahla yasemahhovisi, eyezikole ngisho namabhokisi emingcwabo imbala sebengawenza,” kusho iMeya uNgubane.