Now Reading
Umphakathi ubona impi yamanzi isingepolitiki
Dark Light

Umphakathi ubona impi yamanzi isingepolitiki

Esikhathini esingaphansi kwenyanga  kuqale unyaka uNgqongqoshe Wezamanzi Nokukhuculula uMnu uSenzo Mchunu ungomunye wezikhulu zikahulumeni ezibonakale ziphuma zingena emphakathini zichaza ngesimo sokuntuleka kwamanzi yize liyidliva ezweni namadamu egcwele echichima. Yize inkinga yamanzi ezweni kuyinto endala ezweni, kodwa iqale ukugqama ngasekuqaleni konyaka odlule isigadla nasezindaweni ezingaphansi komasipala abakhulu njengeTheku, iNelson Mandela Bay neKing Sabaha Dalindyebo (KSD). 

UNgqongqoshe wangaphambilini walo mnyango uNks uLindiwe Sisulu waze waphuma esikhundleni elwa udaba lokulingiswa kokungaphakelwa kwamanzi emphakathini, esola inkohlakalo. Embikweni wakhe owawucubungula isimo samanzi komasipala uNks uSisulu wasola isandla esinoboya koMasipala abathile ngokuthi kunqanyulwa amanzi nje ukuze kuhlomule izinkampani zezikhulu emikhandlwini ezisebenzisana nezinkampani zangaphandle zamaloli amanzi ukuwathumela lapho esuke engekho khona. 

Naphezu kokumiswa kwezikhulu kweminye imikhandlu njengeKSD inkinga yamanzi isalokhu iqhubeka.Emasontweni edlule elabohlanga likhiphe umbiko obukhuluma ngesimo esiqhubeka kuMasipala weTheku lapho sekuvuleke khona izikhala ngenxa yokushiya kwabasebenzi ophikweni lwamanzi. Isizathu salokhu kuthiwa ukuqhuma kwenganono okungangokuba abasebenzi sebehlaselwa nasemakhaya. Ngaphandle kokuhambela imiphakathi, uNgqongqoshe uMchunu unohide lwezinhlelo eziyizithangami zokuchazela isizwe nemiphakathi ngesimo samanzi.Izolo ubebambe isithangami sezinsuku ezimbili esibizwa ngeWater Servive Authority Summit esilandelwe umbiko wakamuva womnyango owethiwe ngokuthi oNo Drop Report.  

Ukuba matasa kwalo mnyango noMchunu ngalesi sikhathi lapho izwe lizobamba khona ukhetho lukazwelonke sekuchazwe njengezindlela zokwenza isiqiniseko sokuthi kufika isikhathi sokhetho zingekho izindawo lapho umphakathi usakhala khona ngamanzi. Usizi lwakamuva lwamanzi emphakathini kubonakala kungathi sekuyimpilo esiyamukelekile njengoba usuphila ngokuthunyelelwa amanzi ngamaloli. Njengoba sezihuba sakusha ngokhetho umphakathi awukufihli ukuthi sekuyacaca ukuthi impilo yokunqanyulelwa amanzi  uphiliswa yona ngenhloso ukuze kuqhubeka ukudla kwabathile abanentshontsho emalolini athumela amanzi.

Sekukaningi elaboHlanga libika ngenkinga yamanzi eThekwini, kuthintwa nabamele umkhandlu kujike kube nhlanga zimuka nomoya. Kwezinye izindawo  ezisenyakatho yeTheku amanzi anqamuka ngoMsombuluko sebesizwa awemvula elilokhu liyidliva.

See Also

“Mfowethu thina sesiyazibukela nje ngoba akukho esingakwenzile. Siphila ngaphandle kwamanzi kodwa nakhu nawe uyazibonela ngawakho uyageleza emgwaqeni ngenxa yepayipi elinqamukile.”Kuzikhalela isakhamuzi esicele ukubizwa ngoCele eVerulam. Ngonyaka odlule umphakathi wasoThongathi wavuka umbhejazane wavala umgwaqo uR32 ngamathayi avuthayo ufuna ukuba iMeya yeTheku uMnu uMxolisi Kaunda ize kuwo izochaza ukuthi kungani sekuphele isikhathi ungenawo amanzi.

Okuqaphelekayo ngokuntuleka kwamanzi ukuthi kugadla kuzona zonke izindawo nakulezo okwabe kungezezinhlanga ezithile kuphela. Umphakathi uthi mpi yamanzi ezindaweni zayo awungabazi ukuthi izophetha ngokuphenduka eyezepolitiki uma ingalungiswa ngoba wonke amaqembu agxeka abasemandleni ngalesi simo nabo bavikela iso labo.

Scroll To Top