Now Reading
Abalimi boHlanga bakhahlamezekile ngokhuvethe
Dark Light

Abalimi boHlanga bakhahlamezekile ngokhuvethe

Nakuba zehla izibalo zokuhlasela kokhuvethe ukhuvethe eNingizimu Afrika, kodwa mkhulu umonakalo osudalekile okubonakala kuyothatha iminyaka ukuthi ulungiseke. Uhlelo lukaHulumeni wakuleli lokugoma luhamba ngonyawo lonwabu.

Kulokho ziningi izizathu ezibekwayo. Esinye sazo ngesokuthi kusekhona umphakathi osemanqika ngokugoma ngenxa yezinkolelo ezahlukene, okunye ukukhuluma ngokuthi umgomo awukafinyeleli ngendlela elindelekile ezindaweni lapho okuhlanganyela khona umphakathi. NoHulumeni uyagxekwa ngokuthi awunalo uhlelo oluqondile lokugoma njengoba kusekhona izinkulungwane zabaneminyaka engaphezu kwama-60 ezingakagomi. Kungalesi sizathu uHulumeni eseqhamuke nohlelo lokunxenxa abantu abaneleminyaka nangaphezulu ukuba bagome. Laba bantu bazonikwa ivawusha ye-R100 ngale mpelasonto uma beza ezikhungweni zokuvota.

Isibalo uHulumeni ayezibophezele ukufinyelela kuso ngalesi sikhathi, kubonakala sisekude ukuhlangana. Isikhalo esikhulu ngesokuthi kunezigidi zomgomo ezingakasetshenziswa. Kunovalo lokuthi uma kwenzeka ligasela ihlandla lesine isimo singaba sibi kakhulu njengoba kucaca ukuthi baningi abangagomile ezweni.

Njengoba sikhuluma ngomonakalo osudalwe ukhuvethe, eNingizimu Afrika sebebaningi abantu abalahlekelwe yimisebenzi. Kwenzeka konke lokhu nje nentengo yokudla iyanyuka, kushiye abantu nendlala. Umkhakha wezolimo ukwazile ukuvuka ukuzibambe ngalesi sikhathi njengoba kuthe emuva kwesivuni wakwazi ukukhulisa inani lemikhiqizo yezolimo ethunyelwa emazweni angaphandle isuka kuleli. Lokhu kwakha isithombe sokuthi imboni yezolimo ayikhahlamezekanga kakhulu ngesikhathi sokhuvethe, futhi nabalimi kukhona abakuhlomulile.

Umkhakha wezolimo nomhlaba
ENingizimu Afrika lomkhakha usagcwele kakhulu abalimi abamhlophe, abangabanikazi bamapulazi nemifelandawonye yabamhlophe. Lesi simo asithusi ngoba okwaholela kuso ukumukwa kwahoHlanga umhlaba nguhulumeni wobandlululo, okumanje udaba lwawo luseyiva oludinga ukubangulwa.

Kuhlawumbiselwa ukuthi bangaphezulu kwe-7000 abalimi, bonke okungabamhlophe abalinganiselwa kuma-80% abasemkhakheni wozolimo, bese kuthi aboHlanga balinganiselwe ku-2million okuhlanganisa nemindeni abakulo mkhakha oningi labo abatshala eziqeshini zomhlaba ezincanyana ngenxa yokuntula izinsiza. Kulesi sikhathi kunesikhala esikhulu sokuba aboHlanga bangene emkhakheni wezolimo ngokugcwele njengendlela yokuvala igebe eladaleka ngesikhathi bemukwa umhlaba. Ucwaningo olunzulu olwenziwe kubalimi abangama-40 phakathi kukaMfumfu wezi-2020 noNhlangulana wezi-2021 lubheka okwenzekile kubalimi boHlanga abasemkhakheni wezolimo nalabo abamaphakathi nendawo abakhiqiza imifino ngokuthi ukhuvethe ukhahlameze kanjani.

Lolu cwaningo luyingxenye yalolo oluhlanganisa amazwe amathathu obelubheka ukuthi ukhuvethe ube namthelela muni ekukhiqizweni kokudla. Okunye obekubhekwa kulo ukuthi inhlalo yabantu ibe njani ngasekudleni emuva kokhuvethe, ukungalingani nobubha.

Okuvele kucwaningo
Lolu cwaningo luveza indlela abalimi abebephila ngayo ngendlela abebesebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kokhubhane ikhuvethe. Iningi belidayisa imikhiqizo yabo emigwaqeni abanye besebenzisa izimti ezingamaveni ukuhambisa imikhiqizo. Bathi le ndlela yokudayisa yiyona ebibaluleke kakhulu kubona ngenxa yentengo enhle abayinqumayo, nokuthi imali ibiza kubo ingukheshi zingekho kakhulu izindleko zezokuthutha.

See Also

Okunye okuvelile kucwaningo ukuthi enye ingxenye emqoka yemakhethe yileyo kaMasipala yezithelo. Naphezu kwezinselelo ezihambisana nezindleko zezokuthutha nezinye izingqinamba, kodwa ngisho nabalimi abasebancane abaphuma ezindaweni zasemakhaya bayayisebenzisa le makethe. Abalimi abayi-12 baveze ukuthi imikhiqizo yabo sebeyidayisela nezitolo ezinkulu.
Okunye okuvelile kucwaningo ubumqoka bokuba khona komhlaba emphakathini lapho ungakwazi ukutshala khona. Lokhu kufakazelwe ngabalimi abangama-23 abathi bancike kakhulu kulo mhlaba ngemikhiqizo yabo.

Kulaba balimi bayisihlanu kuphela abaveze ukuthi bona umhlaba abalima kuwo ngowabo. Abalimi abali-11 baveze ukuthi basebenzisa umhlaba abangenaso isivumelwano eside kuwo, okungenzeka isivumelwano abanaso nabanikazi bawo sinqamuke noma kunini, okwenza bahlale njalo ngokungakhululeki.

Ukhuvethe nangendlela uHulumeni angenelele ngayo emizamweni yokulwa nayo kubakhahlameze kakhulu abalimi. Bazithole besesimweni lapho izinga lokufunwa kwemikhiqizo yabo lehlile, kwadingeka ukuthi behlise intengo ukuze bakwazi ukudayisa.

Scroll To Top