INigeria iphule izinhliziyo zabantu ihlula osokhaya
Iphoxe izinkumbi zabalandeli e-Ivory Coast namuhla ebusuku iNigeria ngesikhathi ithela othulini osokhaya ngo 1-0 e-Olympic Stadium of Ebimpe.
Ama-Super Eagles angene kulo mdlalo engaphansi kwenkulu ingcindezi kulandela ukubanjwa yi-Equatorial Guinea emdlalweni wokuvula.
Ngakolunye uhlangothi ama-Elephants abehambela phezulu kulo mdlalo. Kowokuqala aguqise iGuinea Bissau ngo 2-0.
I-Ivory Coast iqale kahle. Iyona ebiphethe umdlalo ngesiwombe sokuqala. Unozinti weNigeria uStanley Nwabili uvimbe inqwaba yamabhola anzima ngesiwombe sokuqala.
Ama-Super Eagles abezihlalele emuva. Abehlela ukuhlasela sakuzumisa esebenzisa ijubane likaVictor Osimhen no-Alex Iwobi.
Size saphela isiwombe sokuqala ama-Super Eagles engazange amkhahlele unozinti wezitha uFofana.
Zithe zibuya ikhefini iNigeria yathola iphenathi ngomzuzu ka-55. UWilliam Troost Ekong nguyena ovalele phakathi le phenathi.
U-Osimhen nguyena odlaliswe kabi ebhokisini. Njengamanje iNigeria isibambene ne-Ivory Coast ngamaphuzu amathathu ngemuva kwemidlalo emibili. I-Equatorial Guinea iyona eqhwakele ngamaphuzu amane. Namuhla ititinye iGuinea Bissau ngo 4-2.