Izinhlelo zezomnotho eMali ziphazamiswe ukuvalwa kwemingcele
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMohamed Cisse ubevame ukuqasha amakhulukhulu ezisebenzi enhlokodolobha yaseMali iBamako ngaphambi kokuthi unswinyo lwezomnotho ngenyanga edlule luvale imingcele futhi lwehlise impilo yebhizinisi lakhe lokwakha. Usimende uyindlala. Isithako sayo esibalulekile, i-iClinker, sivela ezweni elingumakhelwane iSenegal, lapho kuvinjwe khona zonke izimpahla ngaphandle kwezibalulekile. UCisse uphoqeleke ukuthi avale iziza zakhe ezintathu kwezine zokwakha.
I-Economic Community of West African States (ECOWAS) bekumele ithumele umyalezo onamandla kubaholi bezempi baseMali ngesikhathi ibeka unswinyo ngemuva kokuba iJunta ibambezele izinhlelo zokubamba ukhetho ngoNhlolanja kulandela ukuketulwa umbuso kabili. Kepha abasebenzi, abaningi babo kuze kube manje asebesekele iJunta ngokuxosha uMengameli ongathandwa u-Ibrahim Boubacar Keita ngowezi-2020, bakhathazekile ngomthelela omkhulu ezakhamuzini ezijwayelekile kwelinye lamazwe ampofu kakhulu emhlabeni.
Amakhulu ayadilizwa, izimpahla ezithunyelwa kwamanye amazwe zibambeke esiminyaminyeni sezimoto eziwela imingcele, ukotini negolide okuyizinsika ezinkulu zomnotho, azikwazi ukufinyelela kubathengi bezifunda. Yeka ukuthi unswinyo luphumelele kangakanani ukuphoqa abaholi baseMali ukuthi babambe ukhetho ngokushesha, noma uma benciphisa ukwesekwa kweJunta, kungaba nomthelela ekutheni i-ECOWAS ifuna ukujezisa kanjani abanye abaholi bomshoshaphansi eGuinea naseBurkina Faso nabo abahlwithe amandla onyakeni odlule. “Sibe nethemba elikhulu ngesikhathi sibona la masosha aqeqeshwe kahle futhi anesakhiwo esihle. Kodwa isimo salokhu kuvinjelwa, ngingasho ukuthi ama-70% yiphutha likaHulumeni, owethule uhlelo lwezikhathi zokhetho olunganembile,” kusho uCisse.
UHulumeni wesikhashana osungulwe yiJunta akazange aziphendule izicelo zokuphawula. Phambilini ithe unswinyo “alulingani, alunabuntu, futhi alukho emthethweni” futhi luzoba nemiphumela emibi kubantu. I-ECOWAS ithi ibeka unswinyo ngoba abaholi baseMali bathi bazoluhlehlisa ukhetho kuze kube uDisemba 2025, cishe eminyakeni emine kamuva kunokuba babevumelene ekuqaleni.
Iqinisa intambo
Abantu baseMali bajwayele ubunzima. Ukuvukela umbuso kwamaSulumane osekuneminyaka eyishumi kukhona sekudle izingxenye ezisenyakatho nenkaba, kwashona izinkulungwane. Ubhubhane lokhuvethe lube nomthelela ekwenyukeni kwezindleko zikaphethiloli nezinye izimpahla. Kodwa manje umnotho ungaphansi kobunzima obukhulu. IMali ayikhokhile kumaCFA Francs ayizigidi ezingama-5.4 (amaRandi ayizigidi ezingama-93) ngenzalo kanye nezinkokhelo eziyinhloko kusukela ngoMasingana, imininingwane evela esikhungweni sezikweletu senhlangano yezemali yaseNtshonalanga Afrika i-Umoa-Titres iyakhombisa.