IMorocco iwuqale ngegiya eliphezulu umkhankaso wokunqoba i-Afcon
Ithumele umyalezo oshubile iMorocco emdlalweni wayo wokuqala we-Africa Cup of Nations (Afcon) ixebula iTanzania ngo 3-0 eStade San Pedro kwelase-Ivory Coast.
I-Atlas Lions ithwelwe ngeqoma ukuthi iyona ezodla ubhedu kule-Afcon kulandela ukugila izimanga kuNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngowezi-2022.
IMorocco ifinyelele kowandulela amanqamu alo mqhudelwano. Ngokwenza lokhu ibeyizwe lokuqala elidabuka e-Afrika ukufinyelela kowandulela amanqamu.
Ku-Afcon ibheke ukuqeda ishobolo leminyaka engama-48 ihlulwa wukunqoba lomqhudelwano.
Namuhla isidwebe sacaca bha isithombe sokuthi izimisele ngokwenza ezibukwayo ibukisa ngeTanzania kowokuvula.
URoman Sias ubeke iMorocco phambili ngomzuzu wamashumi amathathu. Kuyiwe ekhefini iMorocco ihamba phambili ngo 1-0.
Okusheshe kwacaca ukuthi iTanzania izimisele ngokuhlala emuva bese isebenzisa ijubane ukuhlasela sakuzumisa uma iphethe ibhola.
Leli qhinga alizange lisebenze njengoba bekunzima ukuthola ibhola kuTanzania. IMorocco iqhubekile nokucanasa ngesiwombe sesibili kodwa igoli lesibili lanqaba.
Igoli ligcine liqhamukile ngowama-77 no-Azzedine Ounahi. Akuphelanga mizuzu engakanani langena elesithathu. UYoussef En-Nesyri uvalele enethini elesithathu kwaphela kanjalo ngeTanzania.
IMorocco isiqhwakele eqoqweni layo ngamaphuzu amathathu ngemuva komdlalo owodwa.