IDA ikhala ngozihlalo bamakomiti amasha eSishayamthetho saKwaZulu-Natal



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Inhlangano iDemocratic Alliance (DA) ingenye yamaqembu ayis-8 anezihlalo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal, inezili-11 kwezingama-80.
Ingeyesithathu ngamalungu amaningi esiShayamthetho. ElaboHlanga libe nengxoxo noSihlalo wale nhlangano kulesi sifundazwe uMnu uFrancios Rodgers ophinda abe ilungu lale nhlangano esiSishayamthetho ukuthola iqhaza elibambile kulesi Sishayamthetho.
Uthe noma beseSishayamthetho kepha kubona kumqoka ukuthi baqaphe indlela inhlangano eyenza ngayo kohulumeni bendawo.
URodgers uveze ukuthi ukhulele kuMasipala owawubizwa ngeSisonke manje osubizwa ngeHarry Gwala okuwuMkhandlu osendaweni esemakhaya kwathi esekhulile wafudukela eMsunduzi. “Engifike ngakuthola ngamakhansela eDA eMsunduzi ukuthi abengenalo uzinzo lapho umphakathi ubufaka nengcindezi ngenxa yokungenzi kahle. Kube namakhansela agcine esesula kwaphoqa ukuthi kube nokhetho lokuchibiyela emawadini amathathu lapho esalahlekelwa khon elilodwa,” kusho uRodgers.
Uqhube wathi usayiqaphile indawo yaseMsunduzi ngoba abafuni ukuthi iDA ilahlekelwe iNhlokodolobha. Uthi njengoba kuza olunye ukhetho lokuchibeyela uyakholwa ukuthi bazolunqoba. “Njengoba kuza ukhetho ngonyaka ozayo izakhamuzi zaseNingizimu Afrika sezikhathele zifuna imsebenzi, indawo ephephile, impilo kanye nezemfundo okusezingeni. Ukufika kobhubhane ukhuvethe lapho kubonakala inkohlakalo idla lubi ngesikhathi semvalelwakhaya. Ukhetho lwangonyaka ozayo lunikeza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ithuba lokuthi zihlanganise uHulumeni wabantu futhi ozosebenzela abantu, hhayi uHulumeni wabathize,” usho kanje.
Uthe ufunde okuthile ukuthi ngesikhathi ukhuvethe ludla lubi kufa abantu kunabathize abebenza imali kulokho. URodgers uthe ubona engathi izwe kumele lishintshe futhi iDA ingaba ingxenye yalolo shintsho.
“Kulesi sifundazwe umsebenzi wami eSishayamthetho ukuqinisekisa ukuthi ikhona enye indlela esingenza ngayo. Sikhuluma nje siyiqembu eliphikisayo, siqinisekisa ukuthi i-African National Congress (ANC) iyabhekana nekwenzile, siyafika nezixazululo kumakomiti ethu nakulawo esibamba iqhaza kuwona,” kusho uRodgers.
Uthe ungomunye wabaqokiwe ekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali kaHulumeni iStanding Committee on Public Accounts (Scopa) ukuba abe ingxenye yekomiti elibhekana nophenyo. “Into engikhathazayo ngaleli komiti engiqokwe ukuba ngibe ingxenye yalo ukuthi uma engabe i-ANC beyizimisele ukulwisana nenkohlakalo esifundazweni, bebezonikeza leli komiti ukuba liholwe enye yezinhlangano eziphikisayo, bekungaba i-Inkatha Freedom Party (IFP) noma yiliphi kulawa akhona. Uma engabe bebezimisele ukulwisana nenkohlakalo akusiyona indlela le, kuleli komiti bazozikhethela ukuthi iluphi ulwazi abazothanda ukuludedela nokuthi ibaphi abantu abazofuna ukuthi babhekane nezigwegwe,” usho kanje.
Uthe okumkhathazayo ngenkohlakalo ukuthi kubanjwa izimeneja kube kunabantu abaphezulu abazilawulayo. Uthe uma kubhekwa ukugwamandwa kombuso kuyavela ukuthi into eyenza inkohlakalo ukuzibandakanya kosopolitiki nokusebenza kwansukuzonke kweminyango kaHulumeni ukuze bazuze.
“Okungikhathazayo uma la makomiti ezoholwa olilungu le-ANC sizokwazi yini ukuthola ulwazi esiludingayo? Uma kunento esiyitholayo kuleli komiti kuzomele iphumele kubantu ukulwisana nenkohlakalo,” kusho yena.
Uthe eMsunduzi babona ukwehluleka kukaHulumeni. Uthe bavakashele amaWarroom noNdunankulu uSihle Zikalala e-Eastwood lapho bebone ihlazo lokukhokhiswa kwabantu, ukunqanyulelwa kwezakhamuzi amanzi nogesi, ukunganakekelwa kwemigwaqo, ukungasikwa kotshani emapaki, ukuphelelwa amanzi nogesi, nokungalawulwa kwemfucuza.
“UNdunankulu uzibale zonke lezi zinto, ukuhluleka ukuhlinzeka umphakathi ngezinsiza kuholela ekutheni kulimale impahla kaHulumeni, lokho kuwukwehluleka kukahulumeni wendawo ukwenza okulindeleke okuyikho okuthikameza ukusebenza kwezinhlaka zikaHulumeni,” kusonga uRodgers.