Usakhala esidala uMaluleke ngezigidi ezichithwa komasipala
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMcwaningi Mabhuku Jikelele uTsakani Maluleke uthe ukusetshenziswa komasipala kwabeluleki (Consultants) kukhule ngaphezukwesigidigidi esi-R1 uma kuqhathaniswa nesibaloesaqoshwa ngonyaka odlule.
Uthe amaconsultantsasetshenziselwa imisebenzi ye-accountingeyisisekelo engenziwa abasebenzi abakhona vele komasipala.UMaluleka ubekhuluma esithangamini iKgalema Motlanthe Foundation ebiseDrakensberg KwaZulu-Natal.“Lokhu kwakha isithombe esithi omasipala abazuzi lutho ngamakhono abo kodwa baqashe abantu babaholele kodwa baphindebaqashe amaconsultantsukuze benze lezi zisekelo njengokuhlanganisa imininingwane yezezimali.
”Eminyakeni eyishumi edlule ngesikhathi siqala ukuqonda ukuthi lokhu kuyanda, sanquma ukuthi siqale sibheke ukuthi omasipalabakuleli bachitha malini ngale nto eyisisekelo. Isibalo seminyaka engama-10 edlule sasilinganiselwa kwizigidi eziyi-R100. Ngonyakaodlule kube yisgidigidi esi-R1.6 ezweni lonke,” kuchaza uMaluleke.