UBroos uncoma iBafana yize ihluliwe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IBafana Bafana iyiqale kambi indlela yayo yakwi-Africa Cup of Nations (Afcon), njengoba ihlulwe ngamagoli amabili iMali emdlalweni obuyizolo ebusuku.
Yize ihluliwe iBafana Bafana eqeqeshwa uHugo Broos, kodwa abadlali kuzomele bazinuke bona amakhwapha. Bekumele kuphele isiwombe sokuqala isilitholile igoli kwazise ize yathola nephenathi uPercy Tau ayishaye phezu kwamapali.
Abaningi bamugxekile ezinkundleni zokuxhumana uTau, ngokushweba kwakhe iphenathi kodwa uBroos umvikelile emva komdlalo.
“Bathathu abadlali ebesinabo enkundleni akade bengathatha iphenathi, lapho ngibala u-Aubrey Modiba, uTebogo Mokoena noPercy (Tau). Abadlali kuba isinqumo sabo enkundleni ukuthi ubani oyithathayo, akukhona okwami ukukhetha umuntu. UTau uzithembile, kwaba ukuthi uyayishweba ngalokho ngeke simugxeke. Naye ubenethemba lokuthi uzoyivalela phakathi bese kushintsha umdlalo” kusho uBroos.
I-Mali yona ayifikanga kakhulu epalini kodwa ikwazile ukuthola amagoli amabili nangene ngesiwombe sesibili.
Elokuqala livalelwe phakathi uHamari Traore, iMali ithole i-free kick eduze kwebhokisi uKoiti wayecuphisa ngesinono yeqa udonga. URonwen Williams ulichithele ngaphakathi uTraore wafika eseqedela.
Ngemuva kwemizuzu eyisithupha uSiyanda Xulu uhuqe ubuthongo. ULassine Sinayoko uvele wamgquzula ngehlombe wasala ngemuva wabe esephambanisa uWilliams nebhola.
Yize iBafana Bafana ithelwe othulini kodwa uBroos uthe uneme ngendlela edlale ngayo:
“Ngineme kakhulu ngendlela esidlale ngayo namuhla (Izolo). Zimbili izinto ezenze ukuthi sihlulwe, eyokuqala ukushweba iphenathi. Eyesibili ukusebenzisa amandla, lokho kusilimaze kakhulukazi ngesiwombe sesibili. Namanje ngisasho sidlale kahle kakhulu” kubeka uBroos.
IBafana isizobhekana neNamibia emdlalweni wesibili ngeSonto ntambama. INamibia ivule ngewini ishaya iTunisia emdlalweni wokuqala. Elakuleli libambe ibhuleki.