Now Reading
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uvikela umgadli owehlelwe yifomu
Dark Light

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uvikela umgadli owehlelwe yifomu

Lo mgadli odabuka eSerbia uSamir Nurkovic uphikwa yizinto kuMakhosi. Usedlale imidlalo emithathu ilandelana ehluleka wukutholela iqembu amagoli.

UNurkovic waziwa ngokuthi akalibheki ipali kodwa kulezi zinsuku izinto azimhambeli kahle.

Exoxa nezintatheli ngemuva komdlalo wezakhe neTS Galaxy eMbombela Stadium, umqeqeshi weChiefs uStuart Baxter umvikelile uNurkovic.

“Ayikho into embi eyenziwa nguNurkovic ikakhulukazi uma sikhuluma ngezinga lakhe lokulambela amagoli. Uzimisele ngendlela eyisimanga. Ufuna ukwenza kahle,” kusho uBaxter.

Kumasizini amabili adlule uNurkovic ufike kwezwakala kuDSTV Premiership. Ucishe wasize Amakhosi adla isicoco seligi.

Ukwenza kahle kwakhe kuholele ekutheni aqokwe ohlwini lwabadlali abathathu okuqokwe kubona ovelele.

Ugcine ekhale ngaphansi kuThemba “Mshishi” Zwane weMamelodi Sundowns.

“Ukulimala kumphazamisile kakhulu. Ukungatholi amagoli nakho kuyamphazamisa. Lokho kwenza kubenzima ukuthi abesezingeni aziwa ngalo. Siyishintshile indawo ayidlalayo kancane (udlala ngakwesokunxele phambili). Uza kahle kakhulu ejimini,” kubeka uBaxter.

Ngempelasonto uBaxter ugcine emkhiphile uNurkovic ngesiwombe sesibili kwathi endaweni yakhe wafaka uKeagan Dolly obuya phesheya kwezilwandle eFrance.

“Okwenza ngamdonsa ngesiwombe sesibili yingoba bengicabanga ukuthi uKeagan Dolly angabawusizo ekutheni sihlakaze udonga lweTS Galaxy,” kuqhuba yena.

Namhlanje  ngehora lesi-5 ntambama iChiefs izodudulana neBaroka FC eFNB Stadium emdlalweni weDSTV Premiership.

“Okumele akwenze wukuqhubeka nokuzikhandla njengoba eza. Ifomu yakhe angingabazi ukuthi izobuya. Bonke abagadli emhlabeni bayabhekana nesimo lapho bephikwa khona yizinto. Okumqoka njengamanje wukuthi angayeki ukuzikhandla. Kumele aqhubeke nokwenza lokho kuze kulunge.” kusho uBaxter.

Kuze kube yimanje iChiefs isadonsa kanzima. Emidlalweni emibili eyedlule ayizange inqobe. 

Ikhishwe yizimbangi zayo iMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal eMTN8 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 2-2.

See Also

Kuthe kusenjalo Izimpofana zacazelana amaphuzu neTS Galaxy FC emdlalweni weDSTV Premiership eMbombela Stadium.

Amakhosi sekuphele iminyaka eyisithupha ehlulwa wukunqoba izicoco. Selokhu ayigcina ngowezi-2014/15, injabulo kuhlezi uBaxter ebhentshini.

USteve Komphela, Gavin Hunt, Giovanni Solinas no-Ernst Middendorp bonke bahluleka bancama ukuletha izinsuku zenjabulo ePhefeni.

UBaxter obethelwe ngeqoma usephuthwe yizicoco ezimbili kusukela ethathe izintambo.

Uguqiswe yi-Al Ahly kowamanqamu weCaf Champions League ngaphambi kokukhishwa yiSundowns kuMTN8.

Njengamanje uBaxter usesele nesicoco seligi neNedbank Cup. Lezi zicoco wazinqoba zombili ngesizini yakhe yokuqala kuChiefs ngesikhathi efika okokuqala kuleli qembu.

Scroll To Top