Now Reading
IMorocco nengcindezi enkulu yokuqeda ishobolo lokungayinqobi i-Afcon
Dark Light

IMorocco nengcindezi enkulu yokuqeda ishobolo lokungayinqobi i-Afcon

IMorocco ibhekene nejoka lokuqeda ishobolo leminyaka engama-48 ihlulwa wukuphakamisa isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon).

I-Atlas Lions yenze ezibukwayo eNdebeni yoMhlaba ebibanjelwe kwelaseQatar ngowezi-2022.

Ngokwenza lokhu iqophe umlando ngokubayizwe lokuqala e-Afrika ukufinyelela kowandulela amanqamu eNdebe yoMhlaba.

Njengamanje sekubhekwe ukuthi iqede isikhwakhalala ku-Afcon. IMorocco yagcina ukunqoba lesi sicoco ngowe-1976.

Kusukela lapho idonsa ngodizili. Yagcina ukwenza kahle ngowezi-2004 ngesikhathi iguqiswa yiTunisia kowamanqamu khona kwelaseTunisia.

Ngemuva kokugila izimanga eQatar wonke amehlo azobe ethe njo kuMorocco ekutheni ihambe ngomgqigqo ofanayo ku-Afcon.

Iboshelwe eqoqweni elilodwa neTanzania, DRC Congo neZambia. Kusasa ngehora lesi-7 ebusuku izodudulana neTanzania eStade de San Pedro emdlalweni wokuqala wayo we-Afcon kulo nyaka.

Ngemuva kwalokho izobhekana neCongo ngo-4 ntambama emdlalweni wesibili eStade de San Pedro.

Kowokugcina izoshukana neZambia eStade de San Pedro mhla zingama-24 kuMasinga ngehora le-10 ebusuku.

Amazwe amabili azoqeda phezulu eqoqweni layo azodlulela esigabeni somkhumulajezi.

See Also

I-Atlas Lions ibe yizwe lokuqala ukutheleka kwelase-Ivory Coast ukuze isheshe ijwayele isimo sezulu.

Ibophele zonke izihlabani zabadlali bayo okubalwa kuzona u-Achraf Hakimi wePSG, uSofyan Amrabat weManchester United noHakim Ziyech. 

Ngenyanga eyedlule iMorocco iqokwe njengezwe elivelele e-Afrika emklomelweni yeConfederation of African Football (Caf) kwathi uWalid Regragui waqokwa njengomqeqeshi ovelele.

Kweyokuhlunga ibiboshelwe eqoqweni elilodwa neBafana Bafana neLiberia. Igcine iqede endaweni yesibili ngemuva kweBafana.

Namuhla izobe ibheke ukuqala ngenothi eliphezulu kwi-Afcon.

Scroll To Top