Now Reading
Sesidlulelwe isikhathi esisemthethweni sisemakhazeni isidumbu sikamalugaju
Dark Light

Sesidlulelwe isikhathi esisemthethweni sisemakhazeni isidumbu sikamalugaju

Sekuphele izinsuku ezingama-38 sigcinwe emakhazeni kaHulumeni isidumbu sikamalugaju waseMthwalume okuthiwa wazibulala esitokisini saseScottsburg ngemuva kokuboshwa ngamacala okuthumba, okudlwengula nawokubulawa kwabesifazane abahlanu izidumbu zabo ezatholwa ezigangeni nasemihosheni kule ndawo. 

UMnu uMduduzi Khomo 

UMnu uMduduzi “Mafutha” Khomo kuthiwa wazibulala ngokuzilengisa esitokisini ngesikhathi kusalindwe ukuthi akhombise abaphenyi ezinye izindawo athi wabulalela kuzona abesifazane njengoba wayesegeqe amagula ukuthi uyena owabulala laba okwatholwa izidumbu zabo. Inkukhu yawusola umgqakazo ngokufa kwakhe njengoba abaningi babekholwa ukuthi kwakufanele engabe uqashwe ngelokhozi amaphoyisa njengoba nalowo ayeboshwe naye wake wazama ukuzibulala. 

Waboshwa ngemuva kokutholakala kwezidumbu zika-Akhona Gumede, uNosipho Gumede, uNelisiwe Dube noZama Chiliza. 

Yize umndeni wakhe wawusumemezele ukuthi kungcono silothiswe isidumbu sendodana yawo kodwa uphenyo lweBAYEDE luthole ukuthi isidumbu sikaKhomo sisaduve emakhazeni kaHulumeni ePark Ryne. 

Phakathi kokubanga ukuthi angangcwabeki yintukuthelo yomphakathi wendawo eyaholela ekudingisweni komndeni wakhe osekubhaceni kumanje.  

Unina kamalugaju, uNkk uBacashephi Khomo, uthe naye ubengazi nokuthi sisagciniwe isidumbu sendodana yakhe njengoba ebhekene nobunzima bokuya emakhazeni ngoba esephila ngokwesaba.

“Ngihlala ngizivalele ngoba angikwazi ukuphila ngokukhululeka ngemuva kwezinsongo zomphakathi ezabhekiswa kimina kodwa ngibe ngingenzanga lutho futhi akekho ongazi ukuthi ngangingangene ndawo emikhubeni eyayenziwa indodana yami kodwa abantu bakwazi ukuzosabisa thina siwumndeni sibe singenzanga lutho” kusho kanje. 

Uthe njengoba isimo sisenjena akazi ukuthi bazokwenzenjani kodwa uma uHulumeni enenkinga yokuthi sigcinwe emakhazeni awubone ukuthi wenzani ngaso. 

Umfowabo kamufi uSandile naye uhambe emazwini kanina wathi isidumbu sikamnewabo basinikela kuHulumeni ngoba ngeke bakwazi ukuhlela umngcwabo kwazise babhace ngokwehlukana njengoba ngisho nonina akabatsheli ukuthi ucashe kuphi. 

Leli phephandaba lingakudalula ukuthi kuba izinsuku ezingama-30 isikhathi eside isidumbu sihleli emakhazeni nokuthi kungenzeka agcine engcwatshwe uHulumeni uKhomo njengoba kungekho nelilodwa ilungu lomndeni elifusa ukuvela ngaphambili. 

UMnu uNdela Ntshangase oyisazi sezesintu uthe umndeni obhekene nenkinga efana nalena kufanele kube khona ilungu lawo elizotshela lowo oshonile ukuthi isimo kasivumi ukuthi angcwatshe ngendlela efanelekile yingakho ezongcwatshwa uHulumeni kumbe afihlelwe  lapho ezongcwatshwa khona. 

Uthe uma isidumbu sizolothiswa kusemndenini ukuthi ukholelwa kuliphi isiko njengoba abanye baye bashise impepho bakhulume nesidumbu ukuthi yingani sizoshiswa noma singcwatshwe ngaleyo ndlela esizofihlwa ngayo. 

See Also

“Kuke kwenzeke ukuthi uma kunezimpi zezigodi kube khona osala empini kutholakale ukuthi umndeni wakhe awusakwazi ukubuyela emuva uyolanda isidumbu. Kuye kuphoqeleke ukuthi bayokhuluma naye emakhazeni ukuthi ngeke angcwatshwe endaweni thizeni ngoba kube nezimpi usezofihlelwa kwenye ukuze angahluphi ngoba empeleni umphefumulo womuntu ongasekho uyakhuluma” kusho uNtshangase. 

Uthe abantu kufanele bazi ukuthi umphefumulo womuntu awufi kufa umzimba kuphela. 

UMfundisi weChristian Methodist Episcopal Church, u-Eric Zamuxolo Tambo, uthe yize kuhlukene ukwenza kwamabandla ezenkolo kodwa kufanele umndeni obhekene nesimo esifana nalesi ukhulume nebandla lawo kube yilo elenza umthandazo wokukhulula umphefumulo ngoba uyanikelwa ngomthandazo njengoba uya kwelinye ilizwe.

Uphinde wathi bona abenkolo yobuKhrestu abakholelwa ekutheni umuntu angcwatshwe ngendlela yokudlulisa kepha konke kwenziwa ngomthandazo. 

“UJesu wathathwa emnqamlezweni elahliwe, wathathwa wayofakwa engcwabeni yingakho sikhuthaza ukuthi abantu bangcwatshwe ngendlela efanele” kusho uMfu uTambo. 

Scroll To Top