Now Reading
Isizwe iphenathi ngomzuzu wokugcina iBurkina Faso ukuze inqobe
Dark Light

Isizwe iphenathi ngomzuzu wokugcina iBurkina Faso ukuze inqobe

Uphenduke iqhawe ukaputeni waseBurkina Faso uBertrand Traore engena esuka ebhentshini wafika watholela izwe lakhe igoli lokunqoba emdlalweni wokuqala we-Africa Cup of Nations (Afcon).

Ama-Stallions athele othulini iMauritania ngo 1-0 wegoli likaTraore okubeyiphenathi ngomzuzu wama-90 emdlalweni obuseStade Bouake.

UTraore ukhiphe ingcwenga yephasi ehlangane noGuira. Ufike kuqala ebholeni ngemuva kwalokho waliqhuba kanye okuphoqe isitobha saseMuaritania u-Aly Abeid ukuthi azame ukumvimba.

Ngebhadi uhlulekile wukuthola ibhola wahlaba u-Adama Guira. Unompempe akazange ayibone iphenathi kwazise ukhombe ikhona. Kulamule iVAR eholele ekutheni unompempe ashintshe isinqumo sakhe.

UTraore uthathe ibhola walijikijila enethini ngomzuzu ka-96. Leli nxele lingene kwezwakala. Ngowama-81 ucishe wabeka ezakhe phambili.

IBurkina Faso iyona ebiphethe umdlalo kodwa iMauritania yakhe amathuba angcono ihlasela sakuzumisa.

UHerve Koffi ovimbela iBurkina Faso ubambe amabhola anzima ukugcina ezakhe zisemdlalweni.

Ama-Stallions abeqala ukunqoba umdlalo wokuqala ku-Afcon. Ngakolunye uhlangothi iMauritania isathungatha amaphuzu ayo amathathu okokuqala emlandweni walo mqhudelwano.

See Also

Ngemuva komdlalo owodwa iBurkina Falso iyona esihlezi esicongweni ngamaphuzu amathathu.

NgoMgqibelo isizobhekana ne-Algeria ngo-4 ntambama eStade Bouaké. I-Algeria iqale kabi kulo mqhudelwano ibanjwa yi-Angola ngo 1-1 izolo ebusuku.

Kowokugcina izobhekana ne-Angola ngoLwesibili ngo-10 ebusuku. Ama-Stallions azohlalela ethembeni kokuthi azokwazi ukuthola amaphuzu amathathu okwesibili ngoMgqibelo ukuze azibekisele indawo kuma-last 16.

Azophinde abeke amathemba awo kuTraore ekutheni aqhamuke neminye imilingo.

Scroll To Top