Ukukhulisa umntwana: Isandla siqine noma sithambe?
Ukukhulisa ingane yoHlanga eNingizimu Afrika kunezingqinamba eziningi. Kepha futhi kunezifundo eziningi.
Sekuphele iminyaka engama-27 kwaphela ubandlululo kwangena intando yeningi. Ukungena kwentando yeningi kufike namalungelo amaningi. Phakathi kwalamalungelo yilawo ezingane.
Baningi abazali abakhala ngamalungelo uma kubhekwa isimo sokuziphatha kwezingane namuhla. Bakhona abazali abathi izingane zabo nezomakhelwane abasakwazi ukuzilawula ngoba sekwaba khona amalungelo. Amalungelo ezingane, izinqubo kanye nezinkolelo ezahlukene kunalapho kungqubazana khona. Inqubo yesiNguni iyodwa iyashayisana. Kunesisho esithi ïnduku ayiwakhi umuzi”. Kodwa futhi kubeNguni ingane akufanele itetemiswe ngoba kuholela ekutheni ingaziphathi kahle.
Ngakho ke umzali kufanele azame ukuma phakathi kokungasebenzisi induku kanye nokungoni ingane. Ngokwamalungelo ezingane, udlame akukona nje kuphela ukusebenzisa induku. Kepha nokuhlukumeza ingane ngamazwi aziswana, inhlamba, nokuthetha ngendlela yokuthi ingane yethuke kungamfaka umzali enkingeni yezomthetho.
Umthetho waseNingizimu Afrika usuvele wayivala induku ekhaya nasesikoleni. Uma umzali esebenzise induku, uyakwazi ukubekwa icala lokushaya(assault). Uma ukulimala kwengane kunzima kakhulu kuyenzeka abekwe icala lokuzama ukubulala. Kanjalo nothisha esikoleni akavumelekile ukusebenzisa induku.
Kuvamisile ukuphikisana phakathi kothisha nabazali malunga nokuziphatha kwezingane. Kunabazali abakholelwa ukuthi kufanele othisha babuyele endukwini ezikoleni ukuze izingane ziziphathe kahle. Kanti kolunye uhlangothi kunothisha nabazali ababeka ngokuthi umzali makangadluliseli kuthisha lokho okungumsebenzi wakhe: ukuqondisa izigwegwe ezinganeni zabo anduba bazithumele ezikoleni.
Bakhalaza ngokuthi abazali akufanele benzise othisha izinto bona abahlulekayo ukuzenziswa izngane zabo emakhaya. Abanye abazali bayazesaba izingane zabo.
ENingizimu Afrika sekunezigigaba eziningi lapho izngane zilahlekelwe wumphefumulo ngenxa yokushaya othisha. Ngaleyondlela ukulindela ukuthi uthisha afake inkalivasi ezinganeni akubeki zona kuphela engcupheni kepha nothisha angazithola esengene ezikhindini, ehlukunyezwa nawunembeza wokuthi usekhiphe umphefumulo.
Kukhona labo abakholelwa ngukuthi njengoba izingane zichitha isikhathi esiningi nothisha, esikoleni yilapho kufanele ziqondiswe khona izigwegwe.
Ngaphandle kwenduku ziningi izindlela zokukhulisa izingane zigcinwe zisendleleni. Eminyakeni eminingi eyedlule emiphakathini yase-Afrika kwakunenkolelo yokuthi ingane akuyona eyabazali bayo nomndeni kuphela. Kepha kwkunenkolelo nenqubo yokuthi ingane ingeyesizwe. Ngaleyondlela wonke umuntu omdala kwakulindeleke ukuthi uma ebona ingane iphuma endleleni ayiqondise izigwegwe kungakhathalekile ukuthi ingeyakhe noma cha.
Ngezizathu eziningi ezihambisana nokushintsha kwezikhathi ekuphilwa kuzo, lokhu kwashabalala. Nezingane azisavumi ukulalwula ngabantu abangabona abazali bazo. Enye yezizathu engabe zibangele ukuthi kuphele ukuthi umuntu omdala eluse noma yiyiphi ingane ukwanda kobunswelaboya ezweni.
Ukuhlukunyezwa kwezingane ngokocansi nokubulawa kwazo sekubangele uvalo ngoba abantu ekufanele ngabe bayazinakekela izngane, bazizwisa ubuhlungu noma bazikhiphe umphefumulo. Ekuphephiseni izngane zabo, abazali sebezithola bezeluleka ukuthi zingakhulumi nabantu ezingabazi.
Ukungaziphathi kahle kwezingane kuyaholela ekutheni izingane zizithole seziphambene nomthetho seziboshwa. Ngesikhathi owayenguMengameli wokuqala wentando yeningi, uMnu uNelson Mandela ethatha izntambo ngowe-1994 wayalela ukuthi kukhululwe izingane ezisemajele.
Yize umthetho wawuyalela ukuthi izingane zingaboshwa nabantu abadala kepha zivalelwe ezindaweni zokuqondisa izigwegwe ezinganeni, amajele ayegcwele izingane eziningi. Ingxenye eningi yezingane ezazisemajele yayiboshwe ngenxa yobandlululo olwalunesihluku esasingakhethi minyaka.
Enye yezinto ezixabanisayo yileyo emayelana nokulwa nokushushumiswa kwabantu. Umthetho kawuvumi ukuba umzali aphumele ngaphandle kwezwe nengane ingekho imvume yomunye umzali noma isiqiniseko sokuthi kasekho emhlabeni.
Sekukaningi kushunqa uthuli ngenxa yalokhu ngoba kunabazali abasuke bevele bengazihluphi ngezingane zabo. Ngaleyondlela kuba lukhuni ukuthola ukubambisana phakathi kwabazali. Noma ukuphumela ngaphandle kwezwe kwengane bekuzoyihlomulisa, kuye kuphazamiseke lokho uma imvume yomunye umzali ingatholakele.
Nanxa ingane iyobhalisa esikoleni sekukaningi omama bezithola besenkingeni ngoba iziphathimandla zithi zifuna isicikico sababa neminingwane yakhe.
Uma ubaba evele eziphathisa okwenyoka yona ezala ishiye ziyima emthumeni ngoba uma kungeve kungukuthi akaziwa ukuthi ukuphi, kuba ngukuthi akafuni ukulekelela.