Now Reading
Imiphumela iyaqhubeka nokuphika ofishi abakhulu
Dark Light

Imiphumela iyaqhubeka nokuphika ofishi abakhulu

Iphoxwe yiGuinea emdlalweni wokuqala we-Africa Cup of Nations (Afcon) obuseStade Charles Konan Banny de Yamoussoukro namuhla ebusuku iCameroon.

IGuinea iqede umdlalo ingasephelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukaFrancois Kamano ngomzuzu wama-45.

Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1 kwathi womabili amazwe acazelana amaphuzu. 

ICameroon iyona ebithwelwe ngeqoma kulo mdlalo kodwa iGuinea isheshe yacacisa ukuthi ayizile ukuzosinisa amahleza kulo mdlalo.

UMohammed Bayo nguyena obeke iGuinea phambili ngomzuzu weshumi umdlalo uqalile. Uphendule kanjani ebhokisini ngemuva kwalokho wadonsa ishodi elishiye  uFabrice Ondoa enkemile ezintini.

IGuinea iye ekhefini ihamba phambili ngo 1-0 kulo mdlalo. Ngesiwombe sesibili iCameroon ibuye ngamandla.

Ibihlasele iphindelela ikhombisa ukuthi isidlala nezwe elingaphelele. UFrank Magri ungqofele enethini igoli lokulinganisa ngomzuzu wama-51.

See Also

U-Ibrahim Kone uvimbe inqwaba yamabhola anzima ngesiwombe sesibili ukwenza isiqiniseko sokuthi ezakhe zigoduka nephuzu kulo mdlalo.

UKarl Toko Ekambi cishe watholela iCameroon amaphuzu amathathu ngomzuzu wokugcina kodwa uKone wala. Uchithe leli bhola ebeliyingozi ngemuva kwalokho washushuluzela kulona wase elihamba ngqi.

ICameroon ingene ogibeni okungene kulona amazwe afana noGhana, Egypt, neNigeria okungamazwe amakhulu ahlulwe wukunqoba imidlalo yayo yokuqala. 

Scroll To Top