Now Reading
Konke sekumi ngomumo ngomjaho okuhlonishwa ngawo umsunguli weBlack Mambazo
Dark Light

Konke sekumi ngomumo ngomjaho okuhlonishwa ngawo umsunguli weBlack Mambazo

“Noma kungathiwa kugijinywa ngempelasonto, ngeke yabakhona inkinga konke sekumi ngomumo. Sisebenze kakhulu silungiselela lo mjaho, sifuna unyaka nonyaka izinga lawo likhuphuke”.

Lawa ngamazwi kaVuyo Shabalala ongomunye wabadidiyeli beBhekizizwe Joseph Shabalala (JBS) Marathon. 

Lo mjaho kulindeleke ukuthi ube mhla zi-4 kuNhlolanja, uhlukaniswe izigaba ezintathu okuyibanga lika-42km, 21km nelika-10km. Oka-42km uzosukela eMbuzweni usongwe eSettler Park, kanti lawa amanye amabanga azosukela eSettler Park aphelele khona. 

Inhloso enkulu yalo mqhudelwano ukuhlonipha umsunguli weqembu lesicathamiya iLadysmith Black Mambazo eqophe umlando inqoba indondo yeGrammy amahlandla amahlanu uShabalala (uJoseph). 

Kuzobe kungunyaka wesibili lo mjaho wasungulwa. Ungomunye kulesi sifundazwe ohanjelwa yinqwaba yabantu ngenxa yokuthi uxuba nedili lomculo.

“Into emnandi ukuthi amagama abasubathi abazakhele igama kuleli nakanjani bazobe bekhona kulo mjaho. Lapho ngibala oNkosikhona Mhlakwana (onqobe ebangeni lika-42km, kowedlule) uBongumusa Mthembu noZinhle Shabalala ukubala abambalwa. Ngingakuqininisekisa ukuthi nabasubathi  bangaphandle bazoba yingxenye yalo mqhudelwano. Igama lomuntu omkhulu okuqanjwe ngalo lo mjaho, ngalokho kumele senze konke okusemandleni ukuthi uba impumelelo” kusho uVuyo. 

Ubalule ukuthi nonyaka balindele abagijimi abalinganisela kwizinkulungwane ezimbilil sekuhlanganiswe wonke amabanga.

UVuyo obezwakala ejabule, ubalule ukuba impumelelo komjaho odlule njengokuhehe abaxhasi abafana nenkampani yamathayi, iDunlop, uMnyango wezeMidlalo, aQuelle noMasipala i-Alfred Duma.

Uphinde wazisa elaboHlanga ukuthi imali yomjaho yakulonyaka yenyuke kakhulu, isuka kwizinkulungwane ezingama-R375 yaya kwizinkulungwane ezingama-R480. 

“Ukunyuka kwemali kusho ukuthi nebala nabaxhasi bayawuthakasela lo mjaho. Ngingasho ngithi inyakeni ezayo izobe ingaphezulu kwesigidi imali yalo mjaho” kusho uVuyo ngamafishane. 

Ozoshaya intambo emjahweni omkhulu uzogoduka nezi-R35 000. Kwelika-21km kuzoba izi-R15 000 nezi-R10 000 kwelika-10km. Ku-5km kuzoba izi-R4000. UVuyo uveze ukuthi kulo nyaka bafake neqoqo labantu abaneminyaka engama-30 kuya kwengama-35. 

“Izindaba ezinhle ukuthi kuleli qoqo abazonqoba ku-42km, 21km naku-10km bazohlonyuliswa ngezi-R8000 umuntu ngamunye. Nabagijimi abazozijabulela (5km) ngeke sibashiye ngaphandle. Kubo bobubili ubulili abazoshaya intambo bazogoduka nezi-R4000” kuqhuba uVuyo. 

See Also

Mayelana nemingenelo, abazogijima kwelika-42km kumele bakhokhe ama-R300. Kwelika-21km kuzoba ama-R250 bese kuba ama-R200 kwelika-10km nakwelika-5km.

UShabalala uveze ukuthi kulo mjaho bameme noNkululeko Dlamini odume ngelikaKing of Squats no-Andile Mxakaza.

Ngomhla zi- 3 kuNhlolanja kuzoba nedili lomculo  kwazise uBaba uJoseph Shabalala wabe engumuntu womculo. 

Kulo lelidili kulindeleke ukuthi kunandise iBlack Mambazo, uBig Zulu, iGcokama Elisha kanye nabaculi abaningi basendaweni. 

Abafuna ukubhalisela lo mjaho bangangena kwi-website ethi: www.finishtime.co.za noma ku-www.webtickets.co.za.

UVuyo uyatholakala kunombolo ethi-079 499 9609, uma ufuna olunye ulwazi ngalo mjaho. 

Scroll To Top