Now Reading
Kulokhu ofishi abancane baphilisa kanzima abakhulu
Dark Light

Kulokhu ofishi abancane baphilisa kanzima abakhulu

Bagilekile ofishi abakhulu osukwini lwayizolo ku-Africa Cup of Nations (AFCON) eqhubeka kwelase-Ivory Coast.

Lo mqhudelwano omkhulukazi webhola e-Afrika uqale ngoMgqibelo ebusuku lapho osokhaya beshobodele iGuinea Bissau ngo 2-0 emdlalweni wokuvula.

Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela isibhekela amazwe amakhulu agilwe amazwe amancane osukwini lwayizolo.

Egypt v Mozambique:

Akekho obezitshela ukuthi iMozambique ingabamba izwe elihamba phambili emlandweni we-Afcon. OFaro bayanyinyitheka izicoco ze-Afcon.

Sebenqobe izicoco eziyisikhombisa ze-Afcon. ElaseGibhithe libala namazwe amane aseke avikela isicoco se-Afcon ngempumelelo. Yilona kuphela eselake lanqoba lesi sicoco amahlandla amathathu elandelana. Ngaphezu kwalokho libophele omunye wezihlabani zabadlali abahamba phambili emhlabeni uMohammed Salah ogijima kuLiverpool FC edabuka kwelamaNgisi.

Ngakho abathandi bakanobhutshuzwayo bebebheke ukuthi elaseGibhithe lidlule kalula kuMozambique engenawo umlando obambekayo ku-Afcon kodwa izinto zagaya ngomunye umhlathi. 

Empeleni oFaro basinde ngokulambisa kukubi. Balanyulelwe nguSalah ovalelele enethini iphenathi eyenze kwaba ngu 2-2 kulo mdlalo obuhlabahlosile. ElaseGibhithe belilandela emuva ngo 2-1. UMustafa Mohamed nguyena obeke phambili elaseGibhithe. Ngesiwombe sesibili iMozambique izithole isihamba phambili ngo 2-1 ngemuva kwamagoli kakaWiti noClesio ngomzuzu wama-55 nowama-58. 

Nigeria v Equatorial Guinea:

See Also

Ama-Super Eagles akakaze ayinqobe i-Afcon kusukela ayigcina ngowezi-2013 eNingizimu Afrika ngaphansi kukaSteven Keshi ongasekho emhlabeni.

Izolo abethwelwe ngeqoma ebhekene ne-Equatorial Guinea. U-Ivan Salvador ubeke phambili i-Equatorial Guinea phambili ngomzuzu wama-36 kwathi uVictor Osimhen watholela iNigeria elokulinganisa ngomzuzu wama-38. Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1.

Ghana v Cape Verde:

IBlack Stars ingene ehlazweni elibi ititinywa yiCape Verde ngo 2-1. Izinkumbi zabalandeli bebhola bebebheke ukuthi iGhana iwunqobe lomdlalo. Nokho akubanga njalo. Zithe zisuka nje iCape Verde yazithola isihamba phambilini ngegoli likaJomario Monteiro ngomzuzu we-17. Ngemuva iGhana ithole elakulinganisa lusanda kuqala isiwombe sesibili. U-Alexander Djiku nguyena obuyisele iBlack Stars emdlalweni ngomzuzu wama-56. UGarry Rodrigues iwuntshontshe seliyoshona ngomzuzu wama-92 eshayela iCape Verde igoli lokunqoba. Kuthuke wonke umuntu ngalo mphumela.

Scroll To Top