Uyaqhubeka nesiPhiwo sokwenza kahle uBen 10



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uqhubekile nokuphakamisa umdlalo wesibhakela uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni egila izimanga kumaKZN Sports Awards ekhala emuka nomklomelo obubhekwe ngabomvu weSports Personality of the Year noweSportwoman of the Year. KoweSport Personality of the Year ubhincisele nxanye u-Alan Ferreira, uLukhanyo Am, uMhlengi Gwala noShabnim Ismail, kwathi koweSport Woman of the Year khona wehlula uShabnim noSizophila Solotsi.
Le ntokazi yaseDundee, eSibongile eneminyaka engama-21, ikhale yemuka nesamba sezinkulungwane ezingama-R10 nonyanyavu lwemoto lwakaVW.
Unqoba lemikomelo nje akaconsi phansi kwezamankomane njengoba ezifake emabhukwini omlando eba ngowokuqala wesifazane ukunqobela iNingizimu Afrika indondo yethusi kumaCommonwealth Games, eBirmingham, e-England ngasekupheleni kukaNtulikazi noNcwaba.
“Ngijabule kakhulu ukuthi nginqobe. Ngibonga bonke abadlale indima ekutheni ngikwazi ukuzuza lokhu. Ukunqoba kwami ngithemba ukuthi kukhuthaze intsha eqhamuka ezindaweni zasemakhaya nasemalokishini ukuthi ingazinyezi, empilweni akubalulekile ukuthi uphumaphi kodwa kubaluleke ukuthi uyaphi. Mina ngiqhamuka endaweni yasemakhaya kodwa namhlanje emhlabeni ngiyaziwa, into leyo engakaze ngibone ingenzakalela” usho kanje.
Ubonge umqeqeshi uNathi “Last Born” Thusi olekelelana noNathi Hlatshwayo ekumqeqesheni uLona Benya obemnxenxela amavoti, uHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions, iMeya kaMasipala iMpofana uMaureen Magubane nabanye abaningi.
ElaboHlanga likhulume, nabantu abakwezamankomane esifundazweni iKwaZulu-Natal kanye neMeya yaseMzinyathi ukuphawula ngokunqoba kukaPhiwokuhle.
Nathi Hlatshwayo:
“Ngiyambongela kakhulu uPhiwo ngokunqoba kwakhe, kusho lukhulu uliphakamisile igama leSibongile Boxing Club okuyilapho aziqeqesha khona. Akagcinanga lapho ubeke nendawo yaseDundee phezulu, kwazise ungowokudabuka khona. Manje sekumele ame ukujabula, aqale ukuzilungiselelaukuhlungela ukuya kuma-Olympics ngonyaka wezi-2024”.
Sandile Sibisi onguMengameli weSouth African National Boxing Organisation (SANABO) KwaZulu-Natal:
“Ngesikhathi ngingena esikhundleni phupho lami kwabe ukuthi sikhuphule izinga esibhakeleni sama-Amesha kumaCommonwealth Games uPhiwo uyivulile indlela asimile siyaphambili. Lokhu akwenze ngeledlule into engakaze yenzeka emlandweni, kusho ukuthi kukhona lapho esiya khona. Ngiyamjabulela kakhulu, siyi-Sanabo siyathembisa ukuthi kukhona okuhle esizomenzela khona. Nginethemba lokuthi iningi intsha ezokhuthazeka ukuba ingene kulo mdlalo”.
Nomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Boxing Promotions:
“Ngiyambongela kakhulu ukuphumelela kwakhe, kufundisa intsha kakhulukazi yakithi ukuthi uma ungumuntu akumele uzibukele phansi. Ukhuphule igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal, ngiyathemba ukuthi njengoba esamncane nje kuningi asazokuzuza nakuma-Olympics uzosibuyela nendondo. Ngiyathemba futhi ukuthi uma esengena esibhakeleni esikhokhelwayo amabhande amaningi ayohlala lapha KwaZulu-Natal ngenxa yakhe.”
Siyabulela Mkwalo onguMengameli weSanabo eNingizimu Afrika:
“Uma ukhuluma ngesibhakela abantu abaningi bazi ukuthi umdlalo wamadoda nje kuphela, kodwa ukunqoba kwakhe ngikubona kuzoshintsha imicabango yabantu abaningi kuphinde kukhulise lo mdlalo. Umlando lo awubekile, esifisa nosomankomane besebenze kanzima ukuqhubeza akwenzile.”
Petros Ngubane iMeya yaseMzinyathi:
“Sinesikhathi simeseka siyisifunda, kusukeka esadlala imidlalo yamaSALGA, wabuya waya phesheya nalapho abuya khona nendondo. Namanje sisazoqhubeka simusekele ngoba sifuna aqhubeke nokuphakamisa iDundee kanjalo nesifunda sethu. Njengoba senza ebuya phesheya simenzela umcimbi, ngokunqoba kwakhe ngeledlule sizophinde futhi simenzele ozoba mkhulu kakhulu”.