Now Reading
UDjokovic udlulele phambili kowe-Australian Open
Dark Light

UDjokovic udlulele phambili kowe-Australian Open

Zidlulele esigabeni sesibili izinsika zabadlali bebhola lomphebezo ku-Australian Open. 

Izolo cishe zonke izinsika ezibhekwe ngamehlo abomvu ukuthi zenze ezibukwayo kwelase-Australia bezisenkundleni.

UNovak Djokovic ovikela isicoco aphinde akleliswe endaweni yokuqala uqumbe phansi uDino Prizmic ngamasethi amathathu kweyodwa.

Ngemuva kwalokho udlule emzuliswaneni wesibili walo mqhudelwano asewunqobe amahlandla ayishumi.

Kusethi yokuqala uDjokovic unqobe ngo 6-2 kwathi kwelandelayo wakhala ngaphansi ku-tie breaker ngo 5-7. UPrizmic ugcine eyithathe ngo 6-7 isethi. 

Kweyesithathu neyesine uDjokovic ukhombisile ukuthi kungani eyinkosi e-Australia. Uphumelele eyesithathu ngo 6-3 kwathi eyesine wanqoba ngo 6-4.

See Also

Ngakolunye uhlangothi uStefano Tsitsipas okleliswe endaweni yesikhombisa emhlabeni udlulele esigabeni sesibili ngemuva kokuguqisa uZizou Bergs ngamasethi amathathu kweyodwa.

Kweyokuqala ukhale ngaphansi ngo 7-5 kodwa wabuye sengathi uthelwe ngezibonkolo kumasethi amathathu okugcina. Kweyesibili neyesithathu ukhonye ngo 6-1 kuwona womabili kwathi kweyokugcina wanqoba ngo 6-3.

UDaniil Medvedev iyibambe endaweni yesithathu emhlabeni ushaye uTerrence Atmane ngo 7-5, 6-4, 6-1 no 1-0. Usethi yokugcina ayiphelanga kulandela ukuthinteka kuka-Atmane obevele edonsa kanzima. Umdlalo unikwe uMedvedev. 

Scroll To Top