Now Reading
Kugqame abamaProteas koweSA20 osukwini lwayizolo
Dark Light

Kugqame abamaProteas koweSA20 osukwini lwayizolo

Insika yamaProteas uRassie Van Der Dussen ushaye ikhulu lama-run kwathi uRyan Rickelton noTristan Stubbs bathola o-50.

UVan Der Dussen uzitholele ama-run angu-104 emabholeni angu-50 ngesikhathi iMI Cape Town iqumba phansi Jo’burg Super Kings ngama-runs angama-98 emdlalweni obuseWanderers, eGoli.

Ugcine ekhishwe ngu-Imran Tahir eseshaye o-6 abayisithupha no-4 abayisishiyagalombili.

Kuwona lo mdlali uRickleton uzibhalele ama-run angama-98 emabholeni angama-48. Bekungumdlalo wesibili ulandelana ethola u-50.

Ushode ngama-run amabili ukuze ashaye ikhulu lama-runs. EGqeberha kuphinde kwagqama ababhethi beqembu lesizwe laseNingizimu Afrika.

UMatthew Breetzke uqoqe ama-runs angama-43 emabholeni angama-29 ngesikhathi iDurban Super Giants iguqisa iSunrises Eastern Cape ngama-run angama-35.

KuSunrises uzamile uStubbs kodwa imizamo yakhe yaphelela emoyeni. Uzitholele ama-runs angama-55 ezakhe zizama ukujaha isibalo sama-run angama-225. Zigcine zihlanganise angu-190 kumdlalo obuseSt George’s Oval.

See Also

Ukwenza kahle kwabadlali bamaProteas kuzojabulisa umqeqeshi weqembu uRob Walter.

Kulo nyaka kuneNdebe yoMhlaba yeT20 ezobanjelwa kwelaseWest Indies, Canada naseMelika. Namuhla ngo-3.30 ntambama iPaarl Rocks izotholana phezulu nePretoria Capital eSuperSport Park komunye umdlalo weSA20.

Scroll To Top