Now Reading
AmaProteas aseqala ukuyiphuza inyongo iNdiya
Dark Light

AmaProteas aseqala ukuyiphuza inyongo iNdiya

Avutha engabaselwe amaProteas kulezi zinsuku kuzo zonke izinhlobo zekhilikithi. Muva nje asanda kuqumba phansi elaseNdiya ngo 2-1 kuchungechunge lwemidlalo emithathu yama-Test.

Namuhla aqale imidlalo emithathu yochungechunge losuku olulodwa ePaarl, eKapa.

Aqhubeke lapho egcine khona emidlalweni yama-Test. Athele othulini iNdiya ngama-run angama-31 emdlalweni wokuqala wosuku olulodwa.

Umdlalo wesibili uzoba senkundleni efanayo ngoLwesihlanu ngo-10.30 ekuseni bese kuthi owokugcina ubengeSonto eNewlands ngo-10.30 ekuseni.

Njengamanje amaProteas asehamba phambili ngo 1-0. Uma enqoba ngoLwesihlanu kuzosho ukuthi noma sekungenzekani ngeSonto azobe eselunqobile uchungechunge.

Ukaputeni wamaProteas uTemba Bavuma unqobe ithosi wathatha isinqumo sokubhetha kuqala.

Ezakhe zihlanganise ama-runs ama-296 kusawe amawikhethi amane kuma-over angama-50.

UBavuma noRassie Van der Dussen badlale ingcwenga yekhilikithi bebukisa ngabashwibi belaseNdiya.

Bobabili bashaye ikhulu lama-run umdlali ngamunye. UBavuma uphume esenze ama-runs angu-110. Ukhishwe nguJasprit Bumrah nge-over ka-49 kwathi uVan Der Dussen wagcina engaphumanga enama-runs angu-129.

Bobabili bahlanganise ama-run ama-214. Bangene enkundleni elakuleli lidonsa kanzima. Ngesikhathi uVan Der Dussen engena enkundleni, amaProteas abeselahlekelwe ngamawikhethi amathathu kanti abesebhalise ama-run angama-68 ebhodini kuma-over ali-18.

Bobabili benze into yamehlo. Amawikhethi elaseNdiya athathwe nguBumrah ohlomule ngamabili kwathi uShardul Thakur wathola eyodwa. U-Aiden Markram ukhishwe nge-run out abanjwe kuyona nguVenkatesh Iyer.

Emlandweni wenkundla yasePaarl alikho iqembu eselake lajaha ngempumelelo isibalo esingaphezu kuka-250. ElaseNdiya belibhekene nomqansa.

See Also

Izinsika uVirat Kohli noShikhar Dhawan bazamile ukwenza imilingo kodwa abashwibi bamaProteas bala.

UDhawan ushaye ama-run angama-79 emabholeni angu-84 kwathi uKohli wathola angama-51 emabholeni angama-63.

Bakhishwe nguKeshav Maharaj noTabraiz Shamsi ngokulandelana. ElaseNdiya ligcine lishaye ama-run angu-265 kuma-over angu-50.

Amawikhethi ayisishiyagalombili amaProteas athathwe ngu-Andile Phehlukwayo (2), Shamsi (2), Lungi Ngidi (2), Maharaj (1) noMarkram (1).

UMarco Jansen ubedlala okokuqala kumaProteas kweyosuku olulodwa. Ugcine engayitholanga iwikhethi yize eshwibe kahle.

Scroll To Top