Now Reading
Useyifagugu kumaMelikana  uCarter 
Dark Light

Useyifagugu kumaMelikana  uCarter 

Inkulumo evamisile nokungelula ukuyiphonsela inselelo ngoMengameli baseMelika ngokungakhathaleki ukuthi baphuma kuliphi iqembu kwamabili amakhulu kuleliya lizwe ngeyokuthi bangocijimpi abakwaziyo nokuxova amazwe kugcine sekunemibhedukazwe nobutha emhlabeni. Baziwa ngokuba nesandla ekugxambukeleni ezindabeni zamazwe nokuthatha izinhlangothi okuphetha ngokuklaya phakathi izwe kulandele izimpi zomkhaya. Kukhona konke lokhu kukhuluma bayaye bazihlangule baphike ngokuthi basuke beqhutshwa yintshisekelo yokutshala inqubo yedemokhrasi nokuvikela isithunzi sezwe. Yize le nkulumo ibenza babe manaphanapha, uMengameli uJimmy Carter uthathwa njengowehlukile. Izindaba zangasekupheleni konyaka owedlule zokudlula kowayengusomaqhinga kwezokuxhumana namazwe eMelika obebuye abe nguMeluleki Kwezokuphepha kwezwe uHenry Kissinger, kwakhumbuza umhlaba ngokuthi leli lizwe sekuyilo kuphela elisenomholi oyinqonqodwane namanje osatuswa ngamagalelo akhe esahola izwe  nangale kokuphatha yize esehanjelwe iminyaka. 

UMnu uCarter waba nguMengameli eMelika phakathi kowe-1977 nowe-1981.  Noyaka lulunye kuMfumfu uzobe ehlanganisa iminyala eli-100 edla anhlamvana. Lesishoshovu somzabalazo seqembu lamaDemocrats siphuma singena ezibhedlela kusuka eminyakeni elishumi eyedlule, kepha sibonakala siphokophela osekubonakala ukuthi ukuphila kwakhe sekungumnikelo wabakubo asebengaphambili noMdali. NgoMfumfu  impilo kaCarter ibe buthakathaka kakhulu ngesikhathi eshiywa umkakhe weminyaka uNkk uRosalynn Carter obesehlanganise iminyaka engama-96. Ukudlula isigubhukane kukaNkk uCarter kwanyakazisa iMelika njengoba ahlatshwa ukugula okwathatha  izinsuku ezintathu kwamenela esibhedlela. Kuhamba umkakhe nje, nakuye akukuhle neze.  Kwaba  ngokokuqala emuva kwesikhathi eside ukuthi uMnu uCarter abonakale esidlangalaleni. Amazwi okugcina awadlulisa kothandiweyo wakhe, ambiza ngosofasilahlane obesephenduke umngani, ithemba ebuhleni nasebubini abathinta kakhulu abebehambele inkonzo yakhe yokugcina eyabanjwalwa ngasese ihanjelwe umndeni, izihlobo nabasondelene kakhulu nabakwaCarter. Phakathi kwabo kwakukhona uMengameli uJoe Biden, uMengameli uBill Clinton (okuyindlela ababizwa ngayo kuleliya lizwe yize sebaphuma ezikhundleni), uNkk uHillary Clinton, uNkk uMichelle Obama, uNkk uLaura Bush noNkk uMelanie Trump.

Yize aphatha ihlandla elilodwa okwalandela ukungena esikhundleni kukaMengameli uRonald Reagan yena owahola  amahlandla amabili, uCarter usatuswa ngobuhlakani bakhe ezimweni ezinzima lapho iMelika yayiphakathi kokwenza izinqumo ezingadala umbhedukazwe nokuba yiqaqa emazweni amaningi. Ngisho nangale kokuphatha,  uCarter uqhubekile nokuba yinxusa lezwe lakhe, futhi waba ngusomaqhinga nomeluleki komengameli abamlandela.

Ungubaba kwabamelamayo

Encwadini yakhe engamakhasi ali-957 owayenguMengameli uClinton akaphezi ukutusa amagalelo kaCarter ezimweni ezinzima zokuphatha kwakhe, ngisho nalapho babengaboni khona ngasolinye. Ngesikhathi uClinton ebhekene nokuchithwa esikhundleni yiqembu lakhe lamaDemocrats kulandela ukuvela izindaba zokuthi waba nobudlelwano bothando nesitshudeni esasijutshwe ukuzothekela ulwazi ewhiye House uMonica Lewinsky, uthi omunye wabantu abamqinisa idolo kwaba nguye uCarter noMnu uNelson Mandela. Kule ncwadi uClinton uveza ukuthi uCarter wamhlalisa phansi “njengomfana” wamtshela ukuthi uma sezibhajwe kweziludlalo kumele kuhlanzwe amaqiniso njengoba enjalo ukuze kudlule ifu. Akagcinanga nje ngokuba ubaba kwabamelamayo, kepha uyatuswa nangokugcina isithunzi sezwe sisesimweni esikahle. Nguye lo mholi owakhalima uClinton ngomzuzu wokugcina esephake amasosha angaphezu kwama-3000 eHaiti ukuyoqotha imbokodo nesisekelo ngesikhathi uMkhuzi Wezempi uCedras edle umbuso ngejozi kuleliya lizwe.  UCarter wathi kuyofana nokuthi iMelika iyizogwazela ibhece eHaiti futhi abantu abazolimala abesifazane nezingane ngoba iHaiti yabe inombutho wezempi ontekenteke futhi ingenazikhali. IMelika yayikholelwa ukuthi kumele kubuyiselwe esikhundleni umholi owayekhethwe ngentando yabantu u-Aristide.

See Also

Uzikhandle kwaze kwala

Yize engakuhlonizi ukuba yilungu lamaDemocrats, ungomunye womengameli osebenze kakhulu nezimbangi amaRepublicans. Utuswa ngokuba sekhaleni lokulwela ukuba labo abadonsa kanzima eMelika oningi labo kungabamnyama bahomule kumathuba okwenza ncono impilo yabo. Umkhankaso wokwakhela abantulayo izindlu emhlabeni obizwa ngeHabitat for Humanity nguye oyivulandlela lawo. Lo mkhankaso uqhutshwa ngababengomengameli. INingizimu Afrika ihlomulile kulo mkhankaso, uCarter nguye owahambela kuleli lizwe nabanye oMengameli beyokwakha izindlu zabantulayo eLovu bekanye noMnu uMandela. Ukuntengantenga kwempilo kaCarter kuye kwabonakala kuwuthena amandla lomkhankaso. Kubantu baseMelika nasemhlabeni uCarter uyifagugu abasafisa lilondolozeke. Uma kwenzeka licima ilambu kaCarter nonyaka, akungabazeki ukuthi abeqembu lakhe lamaDemocrats bayokhala babuye nganeno ngoba uyobe ehambe esikhathini lapho iqembu lakhe kuyilo elisemandleni eMelika.

Scroll To Top