Ayihlale phansi ibambe umthetho: Ramaphosa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMengameli uCyril Ramaphosa usenxuse ukuthi kumiswe ukulwa ngokushesha kuqale nezingxoxo zokuthi kuqedwe unomphela ukulwa eSudan.
Emhlanganweni nomholi waseSudan weRapid Support Forces (RSF), uGeneral Mohamed Dagalo, ePitoli ngoLwesine ngesonto eledlule, uRamaphosa uyalivuma iqhaza elibalulekile elibanjwe yi-African Union kanye ne-IGAD (Intergovernmental Authority on Development), eholwa yi-Djibouti, ekulamuleni isimo.
“Lezi zinhlangano zibe nesandla ekuxazululeni phakathi kwe-Sudan Armed Forces (SAF) kanye ne-Rapid Support Forces (RSF), ngokubamba iqhaza okubonakalayo kwabantu baseSudan kanye nezinhlangano zomphakathi,” kusho isitatimende seHhovisi likaMongameli.
Phakathi nomhlangano, uMongameli Ramaphosa wamukele isithangami(briefing) esivela kuJenene Dagalo, eqaphela indima ebalulekile edlalwe yiAfrican Union kanye ne-IGAD (Intergovernmental Authority on Development), eholwa yi-Djibouti, ekulamuleni lesi simo.
Ezwakalisa ukweseka kweNingizimu Afrika ngezingxoxo zobuso nobuso ezizayo phakathi kukaJenene Dagalo kanye noJenene Burhan, uMongameli uRamaphosa wagqamisa ukubaluleka kokuzibandakanya emizamweni yobunxusa ukuze kuzuzwe ukuthula okuhlala njalo esifundeni.