Wonke amaqembu ayamdinga udokotela wengqondo – Gumede



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.


NgoZibandlela nyakenye umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uMabhuti Khenyeza, wakhwela wadilika kulabo ababethi njengoba leli qembu alilolongayo libhinjelwa izinto abadlali kumele balethelwe odokotela benqondo.
Lombono uvela nje i-Arrows yabe isihlulwa okwesithupha kulandelana, kanti ibiyiqale kahle iligi.
UKhenyeza ephawula ngaloludaba lodokotela benqondo wathi: “Ongoti bengqondo abalidlali ibhola, [bavele] bagqoke amasudi nothayi, bese befunda imibhalo ephansi. Angikholelwa kodokotela bengqondo ebholeni. Silidlalile ibhola, sike saba kulezi zimo. Angikwazi ukuletha umuntu ongakaze ahlangabezane nalesi simo.
Umuntu ongakaze abe senkundleni ebukwa abantu abama-50 000. Angikholelwa kodokotela bengqondo mhlawumbe ngenxa yemvelaphi yami. Sike sasondela ezembeni emaqenjini ebesiwadlalela, uma uletha ongoti bezengqondo ukuthi ezokhuluma nathi uzothini ngoba kumele akhulume ngesimo sebhola leli esilidlalayo”.
ElaboHlanga libe selikhuluma nengqapheli ephinde ibe udokotela nongoti ezifweni ezithinta ingqondo, uMelisizwe Gumede onenkampani eyaziwa ngeCloud Therapist ezinze eMorningside, eThekwini.
UGumede ubephendula enkulemeni eyabe ishiwo nguKhenyeza.
“Yangimangaza kakhulu lenkulumo kaKhenyeza, okungithusayo ukuthi ngisanda kukhuluma naye ngomsebenzi wodokotela benqondo watshengisa ukuwuthasela waze wanginika nenombolo yakhe yocingo. Iqiniso ukuthi i-Arrows iphikwa imiphumela. Uma ungathatha umdlali ngayedwa ziningi izinto eziyizinkinga abangazibala ababhekene nazo ngabodwana. Uzokhumbula abadlali baqhamuka ezindaweni ezingafani, ukuthi badlala kwi-Arrows akusho ukuthi sekumele kukhohlakale lokho. Kulesi simo esikanjena bayabadinga abantu abazohlala nabo bekhulume bebaluleke” kusho uGumede.
Njengamanje uGumede usebenza naMaZulu FC agijima kuyona iDSTV Premiership. Uyalele ukuthi amaqembu wonke akuleli asebenzisane nodokotela benqondo.
UGumede uncome iqembu lase-England iBurnley FC edlalelwa uLyle Foster, okusanda kuvela ukuthi unesifo somzwangedwa, wabe esenikezwa ikhefu ukuze abhekane nalesi sifo.
“IBurnley FC iyisibonelo esihle kakhulu ukuthi wonke amaqembu ayamdinga udokotela wengqondo, uFoster kumsizile ukuthi akhulume kunesikhathi washeshe walapheka. Buka manje igiya abuye ngalo lokho kuveza ukuthi lento ebimuhlupha useyikhiphile ekhanda lakhe. Bangaki abadlali abakhona emhlabeni abanezinto eziningi abazicabangayo ezingezinhle, abangasizakala uma kungathiwa wonke amaqembu anabo odokotela benqondo okungabantu okukhulumekayo nabo” kusho uGumede.
Ebuzwa ukuthi banjani ukumba eqolo odokotela bengqondo uthe: “Abantu mawukhuluma ngodokotela benqondo bazitshela ukuthi kumele uhlukane nemali eningi kanti cha akunjalo.
Ukubona ongoti kuqala kuma-R600 kuya e-R1 200. Ungambona ungoti ngama-R850 noma usonhlalakahle ngezi-R650. Udokotela wengqondo ubiza i-R1 200.” kubeka uGumede.
Muva nje ukaputeni wamaProteas uThemba Bavuma uke wathola ukugxekwa ezinkundleni zokuxhumana ngokungezi kahle, kungeyena yedwa kodwa kubona bonke abadlali kuyenzeka uma bengenzanga kahle.
Ebaluleka uGumede uthe: “Asikho isidingo sokugxila kakhulu ezinkulumweni zabantu ezinkundleni zokuxhumana uma ungumdlali. Khumbula abantu babhala noma ngabe yini abafuna ukubhala ngayo. Abanye bakhuluma ngezinto abangazazi. Iningi alikaze lingene ngisho enkundleni ezingeni elikhokhelayo ukudlala noma yimuphi umdlalo osuke uwudlala. Abayazi ingcindezi yokubasenkundleni kodwa banazo zonke izimpendulo zokuthi bekumele wenzenjani. Ngizothi abadlali abakushaye indiva okubhalwa ngabo ezinkundleni zokuxhumana. Okubhalwa ngabo ezinkundleni zokuxhumana bangakufaki enhliziyweni. Wena unguncwepheshe kulokhu osuke ukwenza” kusho uGumede.