Now Reading
Uzifanisa nezihlabani zabadlali abavunywe umhlaba jikelele
Dark Light

Uzifanisa nezihlabani zabadlali abavunywe umhlaba jikelele

Usanelukuluku lokwenza kahle unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, osanda kumiswa Amakhosi ngenxa yokungaziphathi kahle.

Lokhu kuvele ngesikhathi exoxa nabezindaba ngaphambi kwendumezulu yomdlalo weCarling Black Label Cup phakathi kweStellenbosch FC neCarling All-Stars ngoMgqibelo ngehora lesi-3 ntambama eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo.

IStellies iyona edle ubhedu kuCarling Black Label Knockout iguqisa iTS Galaxy FC sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium ngoZibandlela kowamanqamu.

Iqembu le-Carling All-Stars likhethwe ngabalandeli bebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

“Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngifanisa udaba lwami nolwesihlabani sebhola sase-Argentina uLionel Messi oseqokwe njengomdlali ovelele emhlabeni amahlandla ayisikhombisa kodwa usaphokophele ukwenza kahle njalo uma esenkundleni noma lapho egijima khona. Ngihlale ngifanisa udaba lwami nengwazi yasePortugal, uCristiano Ronaldo oseqokwe njengomdlali ovelele amahlandla amahlanu kodwa usanentshisekelo yokwenza kahle nokwephula amarekhodi kuwowonke amaligi adlala kuwona. Uma ungumdlali usadlala angeke wanele,” kuchaza uKhune.

Lo nozinti oneminyaka engama-36 iminyaka usekwenze konke ebholeni laseNingizimu Afrika.

Umele iBafana ku-Africa Cup of Nations, iNdebe yoMhlaba waphinde wadlala kuma-Olympic Games neqembu lesizwe lika-Under-23.

EMzansi unqobe izicoco ezintathu zeligi, ezintathu zeNedbank Cup, ezintathu zeTop Eight nezine zeTelkom Knockout.

Uke waqokwa njengomdlali ovelele amahlandla amathathu.

See Also

“Sengiqokwe njengonozinti ovelele eNingizimu Afrika izikhawu ezine kodwa ngisanombono wokuthi ngisanganqoba eminye imiklomelo efana le. Okwamanje iminyaka ayisangivumi. Noma kunjalo angizose ngayeka ukuzethemba ukuthi ngisangenza ezinye izinto ezinkulu. UGianluigi Buffon ube ngunozinti ohamba phambili e-Italy waze waneminyaka engama-45. Ubehamba phambili eqenjini lesizwe lase-Italy nakuJuventus. Konke kuncike ekutheni uziphatha kanjani. Kuyanangokuthi wena ubuzibekele ziphi izinjongo usamncane noma usakhula. Njengomdlali ufuna ukukuzuza konke. Angifuni nje ukugcina ngokwanda ngengevu. Ngihlose ukukukhombisa nasenkundleni. Uma ngithola ithuba ngihlale ngizimisele ngokwenza kahle,” kulandisa uKhune.

KuBafana udlale imidlalo engama-91. Ngowezi -2013 uke waqokwa njengeSports Star of the Year kumaSA Sports Awards.

“Njengomuntu ngizibeke phansi. Angithathi izinto kancane. Anginali lelo khanda lokuzitshela ukuthi izinto zizokwenza kalula. Yingakho uma ngisenkundleni ngizinikela ngokuphindiwe. Kumqoka ukujabulisa abantu abakuthandayo. Iminyango ibivuliwe kubo bonke onozinti bamaqembu ayishumi nesikhombisa abadlala kuDSTV Premiership nakuDSTV Diski Challenge. Abalandeli baqoke ukuvotela mina. Ngalokho ngizizwa ngijabule ngendlela eyisimanga,” kuphetha uKhune.

Iqembu leCarling All-Stars:

  • Itumeleng Khune
  • Jabulani Mokone
  • Ramahlwe Mphahlele
  • Njabulo Ngcobo
  • Masibonge Ngidi
  • Kagiso Mnguni 
  • Siphamandla Zikhali
  • Phillip Ndlondlo
  • Mfundo Vilakazi
  • Victor Letsoalo
  • Ashley du Preez
  • Jose Riveiro (Umqeqeshi)
Scroll To Top