Now Reading
Thola konke ngamalungiselelo eBafana e-Afcon ezobanjelwa e-Ivory Coast
Dark Light

Thola konke ngamalungiselelo eBafana e-Afcon ezobanjelwa e-Ivory Coast

IBafana izoqala amalungiselelo e-Africa Cup of Nations (Afcon) namhlanje edolobheni laseKapa.

Lezi zindaba ziqinisekiswe ngobhekelele abezindaba kuSouth African Football Association (Safa), uRomy Titus.

IBafana izibekisele indawo ku-Afcon kulandela ukuqeda esicongweni eqoqweni layo lapho iboboshelwe neLiberia neMorocco.

Sekuqhathwa amaqembu azodlala kulo mqhudelwano e-Ivory Coast kule nyanga iBafana itomule iMali, Tunisia neNamibia.

Eqoqweni kudlula amazwe amabili aqede phezulu esigabeni somkhumulajezi. 

“IBafana ihlangane izolo ebusuku bese kuthi ekuseni namuhla yabamba indiza ebheke eKapa lapho izoqala khona ikhempu eStellenbosch. Abezindaba bazotshelwa ngakho konke okuthinta ikhempu,” kushaya uTitus ngamafuphi.

Elakuleli lizohlala iviki eKapa bese liqedela amalungiselelo ayo e-Afcon kwelaseGauteng. Izodlala neLesotho emdlalweni wesihle ongeke uvezwe kuthelevishini eLucas Moripe Stadium, ePitoli ngoLwesine ngaphambi kokubhekisa amabombo e-Ivory Coast.

IBafana yagcina ukunqoba isicoco se-Afcon ngo-1996 ngesikhathi iguqise iTunisa kowamanqamu ngo 2-0 wamagoli kaMark Williams.

Ngo-1998, elakuleli lathelwa othulini yiGibhithe kowamanqamu eBurkina Faso. Umqeqeshi weBafana uHugo Broos uke wasiphakamisa lesi sicoco ngowezi-2017 neqembu lesizwe laseCameroon. 

UBroos uselimemezele iqembu azogadla ngalo ku-Afcon. 

Isikwati seBafana esiya e-Ivory Coast:

Onozinti:

Ronwen Williams, Veli Mothwa noRicardo Goss.

Izitobha:

Grant Kekana, Nyiko Mobbie, Terrence Mashego, Khuliso Mudau, Siyanda Xulu, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala noNkosinathi Sibisi.

Esiswini:

Teboho Mokoena, Siphephelo Sithole, Thapelo Maseko, Thabang Monare, Jayden Adams, noThapelo Morena.

Abagadli:

See Also

Themba Zwane, Zakhele Lepasa, Evidence Makgopa, Mihlali Mayambela, Percy Tau no-Oswin Appolis.

Imidlalo ye Bafana ku-Afcon:

Mhla zili-16 kuMasingana wezi-2024:

Bafana v Mali ngo-10 ebusuku 

Mhla zili-21 kuMasingana wezi-2024:

Bafana v Namibia ngo-10 ebusuku 

Mhla zili-24 kuMasingana wezi-2024:

Bafana v Tunisia

Scroll To Top