ISABC nedili lemiqhudelwano yeCaf
ISouth African Broadcasting Corporation (SABC) isimemezele ukuthi isithole amalungelo okusakaza indumezulu yomqhudelwano wamazwe ase-Afrika owaziwa nge-Africa Cup of Nations (Afcon).
Lo mqhudelwano uyaqala kwelase-Ivory Coast mhla ziyishumi nantathu kuMasingana.
AbakwaSuperSport basanda kumemezela ukuthi ngeke bayisakaze le midlalo ebhekwe ngamehlo abomvu.
Namuhla i-SABC ikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi ababukeli bayo bazokwazi ukuzitika ngemidlalo ye-Afcon.
“ISABC ithanda ukumemezela ukuthi seyihlabane ngamalungelo okwethula umqhudelwano i-Africa Cup of Nations neminye imiqhudelwano yeCaf ezodlalwa ngowezi-2024. I-Afcon ngumqhudelwano onesasasa futhi obhekwe ngamehlo abomvu. Uzoqala mhla ziyishumi nantathu kuMasinga usongwe mhla ziyishumi nanye kuNhlolanja. Lo mqhudelwano uzovezwa eziteshini ezingaphansi kuka-SABC. Njengoba imidlalo yePSL isekhefini lamaviki ayisithupha nje izothulela ababukeli bayo nabaxhasi imidlalo engama-52 ye-Afcon okungumqhudelwano lapho iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana eyingxenye yayo,” kuchaza isitatimende.
ElaboHlanga lisanda kubika ngodaba lwesikhulu sakwaSuperSport esingayizwa indaba yemiqhudelwano yeCaf.
“Ngaphezu kwalokho, iSABC Sport izokwethulela ababukeli bayo eminye imiqhudelwano yeCaf okubalwa kuyona imidlalo engama-150 yokuhlungela ukuzibekisela indawo ku-Afcon ngowezi-2025, engama-32 yonke yeChan, eyeCaf Champions League, Caf Confederation Cup, eye-Afcon yabesifazane, eyeChampions League yabesifazane neyeCaf Super Cup. Yonke imidlalo izohambisana nokuhlaziya okwendlalela imidlalo bukhoma ezindlini zokusakaza nokuwuhlaziya uma usuphelile,” kusho isitatimende.
Imiqhudelwano yeCaf ngeke igcine ngokusakazwa kumabonakude kodwa nasemisakazweni izotholakala.
“Imidlalo izosakazwa bukhoma kuSABC 1, SABC 3, SABC Sport Channel, eziteshini zomsakazo, Radio 2000, RSG, Umhlobo Wenene, Ukhozi FM, Lesedi FM, Motsweding FM, Thobela FM, Phalaphala FM, Mughano Lonene FM, Ikwekwezi FM, Ligwalagwala FM, nakuTru FM. ISABC Plus neSabcsport.com izotshengisa ngale midlalo bukhoma futhi mahhala. Kuzobakhona nesigaba sokubuka imidlalo esidlalile kulaba abazobe bengayibukanga. Imidlalo izophinde isakazwe kuFacebook naku-X obuwaziwa nguTwitter phambilini,” kulandisa isitatimende.