Now Reading
Izibalo zabangasebenzi zixaka abezinyunyana
Dark Light

Izibalo zabangasebenzi zixaka abezinyunyana

Njengoba kuleli sonto iStatistics South Africa (Stats SA) ikhiphe umbiko ngezibalo zabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika, umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (Cosatu), isisole uHulumeni ngokushaya indiva iziphakamiso zabo ebezingagwema ukulahleka kwemisebenzi.

Embikweni wayo ewukhiphe ngoLwesibili iStats SA ithe ekoteni lesibili kowezi-2020 isibalo sabantu abangasebenzi sikhuphuke ngamaphesenti ama-2.3 uma kuqhathaniswa nekota lokuqala. Isibalo sabantu abangasebenzi noma abangakwazanga ukuthungatha imisebenzi okanye ababengenayo imali engena emaphaketheni ngesikhathi sokuvalwa kwezwe sehlile saba ngama-23% sisikuka kuma-30.1%. 

Umbiko uqhuba uthi izakhamuzi eziyizigidi ezimbili zilahlekelwe imisebenzi kuleli kota lesibili, okukhomba ukuthi bangamaphesenti angama-42.0 abantu abangaqashiwe.

UMnu uSizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke uthe into ekhuphula isibalo sabantu abangasebenzi ukuthi njalo ngekota iStatsSA iyazikhipha izibalo kepha uHulumeni waseNingizimu Afrika awuyilandeli imigomo emisha ehambisana nesimo. 

“Isabelomali esenzeka ngoNhlolanja kwakumele sibheke imibiko eyakhishwa ngekota yesine kodwa akubanga njalo,” kusho yena. 

Ebuzwa ukuthi ibaluleke ngani imihlangano ebanjwa njalo kuthiwe kuzanywa ukuhlenga isimo njengoba nayo iCosatu iba ingxenye yayo, uthe sekufike isikhathi lapho bengaboni ukuthi kusizaphi ngoba uma benezingqungquthela bayaqhamuka nezixazululo kodwa uHulumeni ungazisebenzisi.

Uthe ezinye zezixazululo abaqhamuka nazo zazizokwehlisa ingcindezi kubaqashi ukuthi badilize izisebenzi.

“Uma sinezicelo zifike zibukelwe phansi kuKhabhinethi kepha asikalilahli ithemba,” usho kanje.

Umbuzo okhona kwabaningi owokuthi njengoba iCosatu ikunxathathu ne-African National Congress (ANC) ayikwazi yini ukusebenzisa lawo mandla ukufaka ingcindezi eqenjini elibusayo? 

UPamla uthe inkinga ekhona ukuthi njalo uma iCosatu iba neziphakamiso kudingeka ukuthi kube nomdonsiswano ikakhulukazi ngasohlangothini loMnyango Wezezimali kuzwelonke. 

Mayelana nokubhekelela izisebenzi uthe: “Siyinhlangano ethola izimfuno ezisebenzini, asikwazi ukwenza ngendlela yethu noma kuthathwe izinqumo ngaphandle kokuthi kubikwe kubo. Sinohlelo lokuthi njalo emva kweminyaka emihlanu sibikele izisebenzi ukuthi sisebenze kanjani bese ziphinda zisinika umsebenzi omusha nokuthi yini okumele siyenze. Umsebenzi wethu akukhona ukuthi senze ngendlela esicabanga ngayo kepha ngaleyo efunwa izisebenzi lezi esizimele.” 

See Also

Ongoti kwezokuqashwa kwezisebenzi bathi njengoba isimo sinjena eNingizimu Afrika namabhizinisi esazama ukuzithintitha amanye esavaliwe ngenxa yokhuethe, ukufuna amaholo aphezulu kwezinyunyana  kuzokwandisa amathupha okulahleka kwemisebenzi ngoba abaqashi bazodiliza bezama ukonga imali ukuze bakwazi ukuholela izisebenzi ezizosinda ezembeni.

Kodwa uPamla ephawula ngalokhu uthe: “Asivumelani nalokho ngoba asibazi ukuthi uma bekhuluma ngemiholo ephezulu eNingizimu Afrika bakhuluma ngani. Siyizwe elinomkhawulo wemiholo ophansi kakhulu, kukhona izisebenzi ezihola imali engaphansi kwezi-R6 500 ngenyanga ngakho-ke akukwazi ukuthi umuntu ngonyaka wezi-2021 kuzo zonke izinkinga esibhekene nazo uzobe esahola imali engaka. Abantu baseNingizimu Afrika bacwile ezikweletini ngoba imiholo yabo ayanele, kunabantu abangamaphesenti angama-48 abasebenzayo kepha bayizichaka. Kumele abantu bangasho izinto nje abazikhulumayo kepha babheke amaqiniso. Izinyunyana zimele abantu abahola kancane kakhulu, iningi labahola kangcono abekho ngaphansi kwazo. Labo ngoti abeze nazo izinombolo sizibone, thina esisebenza ngezisebenzi siyazi ukuthi izisebenzi zaseNingizimu Afrika zihola kancane kakhulu.” 

UMnu uZwelinzima Vavi  Isithombe: nguDaniel Born

Kolwezibalo zabangasebenzi, iSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ithi izibalo zakamuva zichaza ukuthi inani labantu abangasebenzi likhulu kakhulu kunalokhu okubikwayo. UNobhala weSaftu, uMnu uZwelinzima Vavi, uthe izinombolo zabangasebenzi azishayi khona.

Uthe abakwaStatsSA banenselelo yokuqoqa ulwazi esigabeni sesibili sokuvalwa kwezwe. 

“IStatsSA kubize ukuba ithembele ezingcingweni ukwenza ucwaningo lokhu okuthikameza ukusebenza kwayo, lezi zibalo azishayi khona. iSaftu iyakholwa ukuthi ukugeja kwalezi zibalo kuyefana nokushaya eceleni kwezabantu abashone ngenxa yokhuvethe,” usho kanje. 

Scroll To Top