Bazophuthwa i-Afcon abadlali beBafana Bafana abadlala phesheya
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, kuzophoqeleka ukuthi enze izinguquko esikwatini sokuhlunga sabadlali abangama-50.
Okuyimbangela yalokho ukuthi abadlali ababili abakhona kulaba abangama-50, ngeke besaba yingxenye ye-African Cup of Nations (Afcon) ezokuba se-Ivory Coast ngonyaka ozayo ngoMasingana kusukela zili-11 kuya mhla zili-11 kuNhlolanja. Labo badlali uLyle Foster noLebo Mothiba.
UMothiba ulimale kanzima ngesikhathi iqembu agijima kulo laseFrance kwiLigue 1 iRCS Strasbourg ibhekene neLorient koweligi.
IRSC Strasbourg ibe isiqinisekisa ukuthi lomdlali ulimale idolo, uzohlala izinyanga engadlali.
NoFoster kungesifanayo njengoba uVincent Company oqeqesha iBurnley okuyiqembu lase-England, uthe lo mdlali akumfanele ukuyodlala i-Afcon ngenxa yokuthi akakalulami ngokuphelele.
UFoster omeminyaka yobudala engama-24, uke wahlala isikhathi eside engadlali kulandela isimemezelo esenziwa yiqembu lakhe ngoMandulo licacisa ukuthi usamile ekudlaleni ngenxa yezinkinga ezithile eziphazamisa isimo somqondo wakhe.
Phambilini lo mdlali wake waphumela obala ngokuthi wake wahaqwa wukhwantalala ngesikhathi esadlalela iqembu laseBelgium, iKVC Westerlo.
“Ngeshwa njengamanje akekho esimweni esimvumelayo ukuthi abe yingxenye yeqembu lesizwe. Ngeke akwazi ukuhamba isikhathi eside ayohlala endaweni ehluke kakhulu kule ayijwayele, ulithanda kakhulu izwe lakhe futhi uhlezi efisa ukulenzela okuhle kodwa lokho kungaphambana nezeluleko zabo bonke ochwepheshe abebemsiza ezinyangeni ezedlule” kusho uKompany.
Njengoba sekuhoxe labadlali bobabilk abangabagadli uBroos sekuzomele aqoke kulabadlali okunguMihlali Mayambela, Themba Zwane, Evidence Makgopa, Khanyiso Mayo, Percy Tau, Zakhele Lepasa, Monnapule Saleng, Tshepang Moremi, Elias Mokwana, Bongokuhle Hlongwane, Oswin Appollis no-Iqraam Rayners.
Usengaphinde afake abanye ngaphambi kokumemezela isikwati sabadlali abangama-23 bokugcina abazoqala ikhempu mhla zizine iphele mhla ziyi-9 kuMasingana.
Elakuleli lizobe selibhekana neLesotho kowobungani wokugcina ngaphambi kwe-Afcon.