Now Reading
IMelika isayibambile ekubeni insika yamazwe eseka i-Ukraine
Dark Light

IMelika isayibambile ekubeni insika yamazwe eseka i-Ukraine

UMengameli uJoe Biden uthi i-United States kanye nabalingani bayo bafuna ukuqinisekisa ukuthi abanikezi uMongameli waseRussia uVladimir Putin izaba zokusola ukuvukela umbuso kafushane eRussia kweWagner Group emazweni aseNtshonalanga.

UBiden ubekhuluma ngemuva kokuthi “iputsh” yamahora angama-36 yeqembu lamasosha ngokumelene namasosha aseRussia iphele ngokuhlehlela  ngemuva (retreat) ngemuva kokungenelela kweBelarus. Lokhu kubone ukuhoxiswa kwamaWagner fighters abuyela ekamu ngemuva kokuba amasosha ahambisana nomholi weqembu uYevgeny Prigozhin esabise ngokudlulela eMoscow.

IWhite House ikhipha amaphepha ngempelasonto ezingcingo nabalingani iFrance, iJalimane, i-UK kanye neCanada ekhombisa izingxoxo zabo ngokwenzeka eRussia ngenkathi iqinisekisa ukwesekwa kwabo okungapheli kwe-Ukraine.

UBiden uthi, “Isimo saqala ukufudumala kwathi njengoba kwenzeka, ngayalela ithimba lami lezokuphepha kuzwelonke ukuthi liqaphe ngeso lokhozi futhi lingibikele ihora nehora. Ngabayala ukuthi balungiselele uchungechunge lwezimo. Ngiphinde ngabiza ozakwethu ababalulekile ocingweni lwe-Zoom ukuze ngiqinisekise ukuthi sonke sisekhasini elilodwa. Kubalulekile ukuthi sihlanganiswe ekuphenduleni kwethu futhi sihlanganiswe kulokho esikulindele. Savumelana. Bavumelana nami ukuthi bekufanele siqinisekise ukuthi asimniki izaba uPutin, sagcizelela ukuthi asimniki uPutin izaba zokusola lokhu eNtshonalanga, ukusola lokhu kuNATO. Sakwenza kwacaca ukuthi asihileleki. Sasingahlanganise lutho nakho. Lokhu kuyingxenye yomzabalazo ongaphakathi ohlelweni lwaseRussia.”

UBiden wengeza ukuthi bekusekuseni kakhulu ukuthi afinyelele eziphethweni eziqondile mayelana nalokho okwenzeka ngaphakathi eRussia kodwa ukuthi umfelandawonye wasentshonalanga osekela i-Ukraine kwakuwukuthi kufanele uhlale uqinile – lapha ebhekise engxoxweni abe nayo noMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy.

See Also

“Kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani eRussia, thina, i-United States, kufanele siqhubeke nokusekela ukuzivikela kwe-Ukraine nobuzwe bayo kanye nobuqotho bendawo. Mina naye savuma ukulandela futhi sihlale sithintana njalo. Ngiphinde ngixhumane njalo nabalingani bethu ukuze sigcine ukusebenzisana kwethu.”

Abezindaba baseRussia babika ukuthi abezobunhloli baphenya ukuthi ngabe izinhlangano zezinhloli zaseNtshonalanga zineqhaza yini ekuvukeleni okuhoxisiwe, kodwa iWhite House ithi igcine ukuxhumana okuhle, okuqondile namaRashiya phakathi nempelasonto yonke futhi ilindele ukuthi lokho kuqhubeke.

Scroll To Top