Now Reading
Ngabe ukuqokwa kwesikhulu esisha kuzodambisa ukucima kukagesi ezweni?
Dark Light

Ngabe ukuqokwa kwesikhulu esisha kuzodambisa ukucima kukagesi ezweni?

UNgqongqoshe Kagesi uKgosientsho Ramokgopa uthi ukuqokwa kukaDan Marokane njengesikhulu esisha sakwa-Eskom kuzobuyisela uzinzo kulenkampani ephehla ugesi.

UNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uPravin Gordhan, umemezele ukuqashwa kwakhe (Marokane) ngoLwesihlanu. Njengamanje uMarokane uyisikhulu esiphezulu senkampani ekhiqiza ushukela, iTongaat Hulett okungafihliwe ukuthi nayo ibhekene nezinkinga zezimali.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli, uRamokgopa uthe: “Sibheke ngabomvu igalelo likaMnu Marokane kanye nekomidi eliphezulu lakwa-Eskom. Siyakwamukela ukuthi ehhovisi elikhulu kwa-Eskom manje sesinesikhathi esimisiwe iminyaka emihlanu ezayo, okuyinto eyamukelekile ngomsebenzi esiwenzayo. Isiqiniseko siyisihluthulelo sokuxazululwa kwenkinga yalolu hlobo. ”

See Also

Okhulumela inyunyana yabasebenzi iSolidarity, uHelgard Cronjé, uthe ukuqashwa kweNhloko yakwa-Eskom sekunesikhathi eside kudingeka. “Siyajabula ukuthi i-CEO ekugcineni iqokiwe – sekunesikhathi eside kakhulu isikhala sivulekile. Ngicabanga ukuthi kuyinto enhle ukuthi baqoke umuntu onolwazi lwakwa-Eskom. Ngicabanga ukuthi abantu kumele baqonde u-Eskom nobunzima obhekene nabo. Badinga [ukuba] nolwazi lokusebenza lapho esikhathini esidlule,” kunezela uCronjé.

Scroll To Top