Now Reading
Umqeqeshi uvikela uBavuma
Dark Light

Umqeqeshi uvikela uBavuma

Umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter, uvikela ukaputeni weqembu uTemba Bavuma osenuka iqaqa kubathandi bekhililithi eNingizimu Afrika.

Elakuleli liphinde lahluleka wukunqoba iNdebe yoMhlaba kwelaseNdiya. Lishaywe yi-Australia kowandulela amanqamu e-Eden Garden, eKolkata.

UBavuma udlale engaphilile kahle kowandulela amanqamu. Uphume ngedada esabhekane namabhola amane.

Lokhu kuholele ekutheni agxekwe ngesinqumo sakhe sokudlala engewona umqemane.

Abathandi bekhilikithi bebefuna uBavuma azihlangule kowandulela amanqamu bese indawo yakhe ithathwe nguReeza Hendricks.

Bakholwa wukuthi u-Aiden Markram ubengawenza umsebenzi wokuhola iqembu.

Exoxa nabezindaba esikhumulweni sezindiza uWalter usole abathandi bekhilikithi ngokusheshe bakhohlwe ngemisebenzi emihle kaBavuma.

“Inkinga ngabantu wukuthi bayashesha ukukhohlwa. UTemba nguyena umbhethi wethu obehamba phambili ngaphambi kweNdebe yoMhlaba kodwa abantu sebekulibele lokho. Into ongayazi uzoyithini. Ubambe elikhulu iqhaza ekutheni sizibekisele indawo kweyoMhlaba,” kusho uWalter.

Ngaphambi kweNdebe yoMhlaba uBavuma uthole amakhulu amathathu elakuleli libhekene ne-England, West Indies ne-Australia. Ubevutha engabaselwe.

“Ushaye into ecokeme sibhekene ne-England, Holland neWest Indies. Yebo, uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa neWest Indies belingabalwa kweyokuhlunga kodwa beliyingxenye enkulu yokwakha ukuzethemba ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ethimbeni lethu lababhethi. Ithimba lababhethi libetha ngokubambisana. Noma kungathiwa uyathanda noma awuthandi, ngeke uhlale wenza kahle,” kubeka uWalter.

See Also

Emidlalweni eyisishiyagalombili uBavuma uzitholele ama-run angu-145. Isibalo esikhulu sama-run asihlanganisile emdlalweni owodwa kube ngu-35 awushaye amaProteas ehlula ama-Aussies kweyamaqoqo.

“Abantu bayibukela phansi imizamo kaTemba. Ukuthola kwakhe lezi zinkeshezana zama-run zilisizile iqembu ukwakha isesekelo. Besiba nezimo lapho uthole ukuthi sihlanganise ama-run angu-60 salahlekelwa yiwikhethi eyodwa ngePowerplay yokuqala. Lena iyona indlela esidlala ngayo njengeqembu (ukwakha isesekelo ekuqaleni komdlalo, senze isiqiniseko sokuthi asilahlekelwa amawikhethi bese sibhekana nengcindezi yabashwibi abasebenzisa ibhola elisha ekuqaleni komdlalo). Yenza ukuthi u-Aiden Markram, Heinrich Klaasen noDavid Miller bangene enkundleni badlale ngokukhululeka,” kuchaza uWalter.

Kubadlali abayisithupha ababhethayo phambili uBavuma nguyena kuphela ongazange awuthole u-50 eNdebeni yoMhlaba.

“Noma ngubani uyabhekana nesimo sokulahlekelwa yifomu kulo mdlalo wekhilikithi. Ngiyavuma iNdebe yoMhlaba okusho ukuthi wonke amehlo abantu athe njo kulo mqhudelwano (iphutha nephutha bayalihlaziya). Njengoba ngishilo siyashesha ukukhohlwa. UTemba ngiyamethemba. Uselenzele izinto ezinkulu izwe yingakho ngingeke ngimlahle.” kusho uWalter.

Scroll To Top