Izinkunzi ku-Euro nakuCopa zitholana phezulu kowamanqamu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Isihlabani somdlali uLionel Messi ongowokudabuka e-Argentina, ubhekene nomkhulu umqansa wokuthi anqobe okokuqala umqhudelwano edlala ezweni lakhe. UMessi ongumdlali weFC Barcelona yaseSpain, cishe usezinqobe zonke izindondo neqembu lakhe kodwa akaze anqobe nowodwa nezwe lakhe.
Ngonyaka wezi-2016 uCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal oyimbangi kaMessi, wasiza izwe lakhe linqobe umqhudelwano i-EURO 2016. Emva kwalokho ongoti bakanobhutshuzwayo bathi uMessi naye sekumele anqobe umqhudelwano nezwe lakhe, kwazise labadlali bobabili bathathwa njengabahamba phambili emhlabeni.
I-Argentina izotholana phezulu neBrazil emdlalweni wamanqamu weCopa America, lo mdlalo kuzoba ngeSonto ngelesi-2 izintatha. Lo mdlalo uzobanjelwa e-Estadio do Maracana, eRio de Janeiro, eBrazil. Uzovulelwa umdlalo weColombia nePeru abazobe bebanga indawo yesithathu, umdlalo walamazwe uzokuba kusasa ngoMgqibelo ngelesi-2 izintatha.
UMessi akukhona okokuqala ehola leli qembu kowamanqamu, kwenzeka ngonyaka wezi-2016 nalapho i-Argentina yatholana phezulu neChile. Kodwa wehluleka ukusiza ezakhe zinqobe njengoba kunguye qobo owashweba iphenathi sekukhahlelwa amaphenathi.
Ukunqoba kwe-Argentina kobe kusho ukuqeda kwayo ishobolo leminyaka engama-28 yagcina ukunqoba lo mqhudelwano, yagcina ukunqoba idlala neMexico ngamagoli amabili kwelilodwa ngonyaka we-1993.
Lo mqhudelwano udlalwa ngamazwe ali-10 iBrazil, i-Argentina, iColombia, i-Uruguay, i-Ecuador, iPeru, iVenezuela, iBolivia, iChile neParaguay. “Iphupho lethu ebesinalo ngaphambi komqhudelwano lifezekile. Isifiso sethu bekuwukuthi sidlale yonke imidlalo kulo mqhudelwano, osekusele ukuthi sinqobe lo wokugcina engicabanga ukuthi uzoba nzima. Womabili amazwe kwenzekile akade ekufuna, uzoba umdlalo onzima kakhulu lo esiya kuwona” kusho uMessi.
Isithenjwa seBrazil uNeymar Jnr, ngesikhathi benqoba owandulela owamanqabu washo wathi umdlalo wamanqamu ufuna bewudlale ne-Argentina. “Ngiyazi uNeymar wakusho lokhu ngoba engumuntu olungile. Lo mdlalo besiwufisa sonke. Asifuni ukuthi sihlulwe kulo mdlalo, kwaba buhlungu kakhulu ngonyaka wezi-2016 sihlulwa iChile asifuni loku kusiphinde” kusho uMessi.
Uncome unozinti wezakhe u-Emi Martinez ovimbe amaphenathi amathathu kowandulela owamanqamu neColombia. “Sikowamanqamu manje kungenxa kaMartinez, sithwale kanzima kweminye imidlalo wasisiza. Uyena osibeke lapho esikhona manje, ngithemba ukuthi nakowamanqamu uzosilekelela” kusho uMessi oseshaye amagoli amane kulo mqhudelwano.
Kowandulela owamanqamu i-Arentina yehlule iColombia ngamathathu kwamabili sekukhahlelwa amaphenathi, emdlalweni ophele zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili. IBrazil yona yehlule iPeru ngegoli elilodwa eqandeni nelivalelwe phakathi uPaqueta.
IBrazil iya kulo mdlalo iyona evikela indebe njengoba yayinqoba ngonyaka wezi-2019 ihlula iPeru ngamagoli amathathu kwelilodwa. Izwe ekuyilo eselinqobe kakhulu lo mqhudelwano i-Uruguay esiwunqobe amahlandla ali-15.
La mazwe egcina ukubhekana kowamanqamu kwakuwunyaka wezi-2007 nalapho iBrazil yanqoba ngamagoli amathathu eqandeni. Omunye umdlalo wamanqamu obhekiwe kule mpelasonto owe-EURO 2020 lapho kuzotholana phezulu i-Italy ne-England, lo mdlalo uzokuba ngeSonto eWembley Stadium, e-England ngele-21:00 kusihlwa.
Okokuqala nqa i-England idlala owamanqamu alo mqhudelwano kusukeka waba khona ngonyaka we-1960. AmaNtaliyane wona asewudlale kathathu umdlalo wamanqamu walo mqhudelwano ngonyaka we-1968 yawunqoba ihlula iYugoslavia ngamabili eqandeni, yawudlala ngonyaka wezi-2000 yahlulwa iFrance ngamabili kwelilodwa, yaphinde yawudlala ngonyaka wezi-2012 idlala neSpain kulowo mdlalo yahlulwa ngamagoli amane eqandeni.
Umdlalo wokugcina la mazwe etholene phezulu, kwaba umdlalo weNdebe YoMhlaba nowaphela zibambenengegoli elilodwa nhlangothi zombili okwabe kongawamaqoqo.