Ongqimuze uBig Zulu wenaba ngesizathu sokuhalela uCasper Nyovest amfuna uthuli
Uchaza ngesinqumo sakhe sokucela uCasper Nyovest esitikini usomabhizinisi waseMgungundlovu, uPhumlani Njilo, osanda kungqimuza isihlabani somculi weHip Pop, uSiyabonga Nene, odume ngelikaBig Zulu empini ebise-Olive Convention Center, eThekwini, ngempelasonto emqhudelwaneni obuhlelwe yiHlula Dladla Boxing Promotion.
UNjilo unqobe ngamaphuzu emuhluza uBig Zulu empini ebithanyelwe yizinkumbi zabalandeli bamankomane.
Phakathi kosaziwayo abebehambele lempi bekukhona uHlengiwe Mhlaba ongumculi wezokholo, uDJ Tira noZakwe oyiciko leHip Pop.
Ngemuva kokuqumba phansi uBig Zulu ngamaphuzu uNjilo uphonsele uNyovest inselelo. Phambilini uNyovest useke walwa noNaak Musiq we-Afrotentairment eSuncity, eNorth West. Wagcina eguqe ngamaphuzu.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi ngifuna ukulwa noCassper Nyovest. Ngike ngambona eseringi. Ungumshayisibhakela oseqophelweni eliphezulu. Angingabazi ukuthi ukungena naye eringini kungajabulisa abalandeli bamankomane ngoba kuzoba yisibhakela esiqhuza umentshisi phakathi kwami naye. Okunye ngoCapser wukuthi siyalingana ngokwesisindo. Lokho kusho ukuthi singadelisana kahle inkani,” kubeka uNjilo oyisikhulu esiphezulu seNduduzo Bespoke Funeral okuyinkampani yabangcwabi iphinde yakhe amatshe amathuna kanjalo nokushiswa kwemizimba yabangasekho emhlabeni.
ElaboHlanga selithole izindaba zokuthi uNjilo kungenzeka abuyele eringini ngoNdasa kwezinye izimpi ezizohlelwa yiHlula Dladla Boxing Promotion ehlela ukukhombisa ubumbano lwabamnyama nabamhlophe ngosuku lokugunjwa kweminyaka engamashumi amathathu nambili iNingizimu Afrika yathola inkululeko.
“Ngeneme ngokunqoba impi yami noBig Zulu. Ngisebenze kanzima ejimini. Ukushesha kwami nobuhlakani busebenzile osukwini. Ngenze isiqiniseko sokuthi uBig Zulu ngimntantisa iringi yonke ngase ngibalekela isandla sakhe sakwesokudla ngoba siyingozi. Lokho kumthwalise kanzima. Izibhakela ebezingena enyameni kuyena beziwukhiye empumelelweni yami,” kubeka uNjilo.
Ngempelasonto eyedlule iMpi- The War isingathe izimpi eziyishumi nane. Izimpi ziqale ekuseni kwaze kwaba yiphakathi kwamabili.
“Impi yami noBig Zulu ibambe elikhulu iqhaza ekutheni inkundla igcwale ngosuku lwezimpi. Iningi labantu likubeke ngambaba ukuthi beliqala ukuzibonela isibhakela bukhoma. Izimpi zosaziwayo sibamba elikhuku iqhaza ekufukuleni izinga lesibhakela eNingizimu Afrika ngoba izimpi ezifuze lezi zindonsa izinkumbi zabantu ukuzothamela izimpi. Kuyajabulisa ukubona lokhu ngoba kuzobuyisa abaxhasi kwezamankomane.” kusho uNjilo ophinde abe yinceku ngaphansi kukampostoli, uCollins Dhlomo ebandleni iCovenant Fellowship Church International (CFCI).