IMorocco ethubeni lokudlulela phambili kweyoMhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Abathandi bakanobhutshuzwayo ezwenikazi i-Africa, maningi amathuba okuthi lishone elanamuhla bejabule.
Okwenza lokho ingoba iMorocco isemathubeni amakhulu okuthi idlulele esigabeni esilandelayo okungesomkhumulajezi koweNdebe YoMhlaba. IMorocco izotholana phezulu neCanada kowokugcina wamaqoqo eqoqweni F, lo mdlalo uzobanjelwa e-Al Thumama Stadium, eDoha ngehora lesi-5 ntambama.
Uma kungathiwa iMorocco eqeqeshwa uWalid Regragui, idlulela kwi-Last 16, kobe kusho ukuthi ikwenza okwesibili lokho kwazise yakwenza ngonyaka we-1986 kweyabe iseMexico. Iza kulo mdlalo inamaphuzu amane njengoba yadlala ngokulingana neCroatia kowokuqala, yabe isimangaza abaningi ihlula iBelgium ngamabili eqandeni.
I-Atlas Lions (iMorocco) idinga iphuzu elilodwa ukuze idlulele kwi-Last 16.
Uma ingagcina ngokudlulela, kuzobe kusho ukuthi asemabili amazwe ase-Afrika adlulele phambili; elinye izwe iSenegal ezotholana phezulu ne-England ngeSonto kowe-Last 16.
“Kubalulekile ukuthi sithole imiphumela emihle emdlalweni wethu neCanada, sifuna ukudlulela esigabeni esilandelayo. Ngiyazi kuzoba umdlalo onzima, kodwa nakanjani kumele sinqobile” kusho uRegragui.
Kweminye imidlalo ekhona iGermany eyanqoba iNdebe YoMhlaba ngowezi-2014 izotholana phezulu neCosta Rica. AmaJalimane okudingeka ukuba anqobe nakanjani nokho lokho kuzobe kungaphelele njengoba ezomincela ukuthi iSpain ihlule iJapan.
ISpain sihlezi phezulu ngamaphuzu amane, kulandele iJapan neCosta Rica abanamaphuzu amathathu kanti iGermany yona inephuzu elilodwa.