UJenet uzibona enqoba iComrades Marathon
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umsubathi wesifazane osezenzele igama kwezokusubatha uJenet Mbhele, useziphonsele inselelo yokuthi eminyakeni emibili ezayo uzowunqoba umqhudelwano omkhulu iComrades Marathon.
Lo msubathi odabuka eMzimkhulu usho lokho nje nonyaka ubeqala ukugijima iComrades Marathon, nafike wagila izimananga kuyona ethola indondo yegolide emva kokuthi aphume endaweni ye-10 ngesikhathi esiwu (06:27:14).
“Bengiqala ukugijima iComrades Marathon okungumjaho ohlonishwayo emhlabeni, ngenza kahle kuwona. Lokho kungikhuthazile ukuthi eminyakeni emibili ezayo ngoliphakamisa ifulegi laseNingizimu Afrika, nesifundazwe saKwaZulu-Natal ngokuwunqoba lo mqhudelwano” kusho uJenet engxoxweni ekhethekile nelaboHlanga.
Le nyamazane, egijima ngaphansi kwe-Xcel Running Club neneminyaka emithathu yasungulwa iqale nyakenye ukusubatha amabanga amade. Ukubuya nendondo yegolide kwiComrades Marathon, iXcel Running Club yamugixabeza nezinkulungwane ezingama-R60 ukumbonga.
Ebuzwa ukuthi unyaka wezi-2023 kube unyaka onjani uthe: “Kube unyaka omuhle kakhulu, okuwubufakazi balokho ngithole indondo yegolide kwiComrades Marathon. Kodwa okukhulu kunakho konke ngithole abaxhasi baka-Under Armour. Kusukela ngaqala ukusubatha ngowezi-2012 bengenza kahle kodwa bengilokhu ngizibuza ukuthi kungani ngalutholi uxhaso. Ngiyajabula kakhulu ngiyabonga, kumqeqeshi wami nabaphathi beXcel ngokungeseka” kube uJenet.
Ngaphandle kokwenza kahle kwiComrades Marathon, nakweminye imiqhudelwano ayigijimile wenze kahle ngasekuqaleni konyaka waphuma kweyesithathu ngesikhathi esiwu-1:18 kwiBhekizizwe Joseph Shabalala Marathon.
Uphume kweyesine kwiDurban International Marathon ngesiwu-2:37. Wangena endaweni yesibili emjahweni webanga lika-52km, neyesine kwiHarry Gwala Marathon, eyesibili kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon 03:27:39.
Unyaka uwuvale kahle njengoba ngoMgqibelo owedlule edle umhlanganiso koweMandela Day Marathon ebangeni lika-21,1km ngesikhathi esiwu-01:19:05.
NgeSonto iXcel Running ibikomelisa abagijimi bayo abenze kahle nonyaka.
UJenet uthole oweBest Female Athlete of the Year noweBest Comrades Finisher Elite.
“Ngiwuvale kahle kakhulu unyaka, sengibheke unyaka ozayo nalapho engifuna ukuqhubeka nokuthi ngenze kahle. Ngeke ngisho ukuthi imiphi imiqhudelwano engizoyigijima, ngoba konke ngikuzwa kwikilabhu nakumqeqeshi wami” kusho uJenet.
Ngowezi-2019 walimala waze wacabanga nokuthi ashiye phansi ukugijima kodwa uThami Khuboni ongumqeqeshi wakhe wamukhuthaza.
“Kwathi kusenjalo kwafika ukhuvethe okwenza kulimaze indlela yokuziqeqesha, ngalahla nethemba kodwa umqeqeshi wahlala nami phansi wangikhuthaza ukuthi ayikho into eza kalula. Lawo mazwi ahlala kumina, angikhuthaza njalo ekutheni ngenze kahle” usho kanje obelokhu etusa nekilabhu iXcel Running Club ngokuhlezi imuseka.