Now Reading
UMshushisi uthi zombili izinhlangothi eGaza kazihloniphe umthetho wezempi
Dark Light

UMshushisi uthi zombili izinhlangothi eGaza kazihloniphe umthetho wezempi

UMshushisi we-International Criminal Court (ICC) ngeSonto unxuse u-Israeli ukuthi ahloniphe imithetho yezempi yamazwe ngamazwe wathi uyalusheshisa uphenyo lwakhe ngodlame olwenziwa abakwa-Israel olubhekiswe kumaPalestine eWest Bank.

“EGaza asikho isizathu sokuthi odokotela bahlinze abantu ngaphandle kukagesi, izingane zihlinzwe ngaphandle kwemithi ethambisa ukuzwela izinhlungu. Cabanga ngobuhlungu,” kusho umshushisi we-ICC uKarim Khan emyalezweni wevidiyo ofakwe ku-inthanethi ngemuva kokuvakasha kwezinsuku ezine kwa-Israel kanye nakwiPalestinian Authority eWest Bank.

“Kucacile ukuthi lesi yisikhathi sokuthobela umthetho. Uma u-Israyeli engahambisani nalokhu manje, akufanele akhononde ngokuhamba kwesikhathi.” Kwengeza umshushisi.

U-Israeli wafunga wagomela ukuthi uzovala ngehlahla kwi-Hamas futhi ithi inhloso yayo eGaza ukucekela phansi abathize abaxhumene naleli qembu, ngesikhathi inxusa izakhamuzi ukuthi ziphume kulezo zindawo. I-Hamas esekelwa yi-Iran okwamanje ifungelwe ukubhujiswa kuka-Israyeli.

UKhan uphinde wacela iHamas ukuthi ihloniphe imithetho yezempi futhi ingasebenzisi kabi noma yiluphi usizo lokusiza abantu olulethwa endaweni evinjezelwe yaseGaza. “Izakhamizi kumele zithole ukudla okuyisisekelo, amanzi kanye nezinto zokwelapha ezidingeka kakhulu, ngaphandle kokubambezeleka, nangejubane nangezinga.”

Umshushisi we-ICC uthe unya olwenziwa yi-Hamas ngoMfumfu ziyisi-7 “ngamanye amacala anzima kakhulu emhlabeni wonke ashaqisa unembeza wesintu,” futhi wathi inkantolo yakhe isikulungele ukusiza u-Israyeli ekuphenyeni kwabo nasekushushiseni labo ababa nesandla.

Ngaso leso sikhathi, uthe udlame olwenziwa abakwaIsraeli eWest Bank “alwamukelekile” futhi ngeke lungajeziswa. “Besiphenya futhi siyalusheshisa uphenyo,” esho ngesimo saseWest Bank. “Akekho owakwa-Israeli ohlome ngemibono ethize nesibhamu okufanele acabanga ukuthi isizini evulekile ngokumelene namaPalestine.”

I-Israel ayilona ilungu lalenkantolo ezinze eHague futhi ayiwabona amandla ayo. Kodwa uKhan ngoMfumfu ugcizelele ukuthi inkantolo yakhe inegunya phezu kwamacala ezempi angahle enziwe amaphekula e-Hamas kwa-Israel kanye nabakwa-Israeli eGaza Strip.

See Also

I-ICC ibe nophenyo oluqhubekayo ezindaweni zasePalestine ezihlaselwe, ngamacala ezempi angenzeka kanye nobugebengu obubhekiswe esintwini kusukela ngowezi-2021.

Izinsolo zobugebengu bezempi kanye nokuhlukunyezwa kwamalungelo abantu zenziwe nhlangothi zombili kusukela oshayasibhamu be-Hamas bahlasela imiphakathi eminingi yakwa-Israel ziyisi-7 kuMfumfu kophezulu, babulala abantu bakwa-Israel abangaphezu kwezi-1,200 futhi bathumba abantu ababalelwa kwama-240, ngokwezibalo zakwa-Israel.

Uphendula ukuhlasela kweHamas, u-Israeli waqala ukuhlasela ngezindiza kanye nokuhlasela ngamathange namasosha, kwashona abantu baseGaza abangaphezu kwezi-15 000, ngokusho kweziphathimandla zezempilo ePalestine.

Scroll To Top