Now Reading
I-EFF ayihlehli ngolwemithetho yobandlululo
Dark Light

I-EFF ayihlehli ngolwemithetho yobandlululo

Iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) lifuna kunekwe ezithebeni zePhalamende udaba lwemithetho eyashaywa ngobandlululo neyayicindezela aboHlanga.

Leli qembu likusho lokhu ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ichithe umthetho iRiotous Assemblies Act No 17 of 1956, owashaywa uhulumeni weNational Party (NP) nowawuvimba ukuba abantu bahlangane ngobuningi.

Lo mthetho washaywa ngesikhathi sombuthano woSomqulu weNkululeko owawuhlahla indlela ngezifiso zababehlangene eKliptown. 

Ngenxa yokuthi uhulumeni wabamhlophe wawulwa nanoma yini eyayibonakala ibumba aboHlanga, wabe usushaya lo mthetho. 

Okhulumela i-EFF, uMnu uVuyani Pambo, uthe kubajabulisile ukuthi ngoLwesihlanu iNkantolo yoMthethosisekelo ivune bona ngokuthi iRiotous Assemblies Act ayikho emthethweni ngakho kumele iPhalamende liyilungise indaba yawo zingakapheli izinyanga ezingama-24.

“Kuyasijabulisa ukuthi ekugcineni i-EFF inqobe lolu daba ngoba i-ANC isebenzise wona lo mthetho ukulwa izimpi zepolitiki ngesikhathi bebopha uComander in Chief wethu uFighter uJulius Malema ngowezi-2015. Kuyihlazo ukuthi i-ANC isasebenzisa imithetho yobandlululo ukucindezela abantu bakithi nalabo engezwani nabo. Okuthusa kakhulu ukuthi ngisho abaholi abafana noRobert Sobukwe noNelson Mandela bake baboshwa ngawo lo mthetho. Manje sekuboshwa uMalema ngawo. Esizokwenza sifuna yonke le mithetho yabacindezeli iqedwe njengoba siyoyibeka ezithebeni zePhalamende,” kusho uPambo.

Uthe kuyichilo ukuthi ngemuva kweminyaka engaphezulu kwengama-25 i-ANC isemandleni kodwa ayikaze yenze lutho ukubhekana nale mithetho.

See Also

Uqhube wathi namanje bayazibuza ukuthi ngabe i-ANC isamele abantu ababecindezelwe yini uma kunje.

I-EFF iphinde yakhomba ngenjumbane owayenguMqondisi Wezokushushiswa Komphakathi, u-Advocate uShaun Abrahams, ngokudlala izimpi zepolitiki ngesikhathi esebenzisa lo mthetho ukubeka icala uMalema ngoba ayebenombuthano eFree State lapho atshela khona abantu ukuthi abazithathele umhlaba ngodli. 

Waphinde wabekwa icala elifanayo ngombuthano owawuseNewcastle KwaZulu-Natal. 

Scroll To Top