Now Reading
Abalandeli bazoyizwa ngendaba eyamaProteas nelaseNdiya
Dark Light

Abalandeli bazoyizwa ngendaba eyamaProteas nelaseNdiya

ISouth African Broadcasting Service (SABC) isihlulekile wukuthola amalungelo okusakaza uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa neyama-test ezoba phakathi kwamaProteas neqembu lesizwe laseNdiya.

AmaProteas azovakashelwa ngelaseNdiya ohambweni oluzoqala ngoZibandlela lize luphothulwe ekuqaleni kukaMasingana.

La mazwe azodudulana emidlalweni emithathu yeT20 kusukela ngeSonto eHollywoodbets Kingsmead bese eshukana kwemithathu yosuku olulodwa nemibili yama-test.

ICricket South Africa (CSA) isikhiphe isitatimende iqinisekisa ukuthi igcine ihlulekile wukuvumelana neSABC ekutheni isakaze lolu chungechunge.

“Ezinyangeni ezedlule iCSA neSABC bebedingida udaba lwamalungelo okusakazwa kwemidlalo yohambo lwaseNdiya ezobhekana neNingizimu Afrika. La malungelo aphethwe yiCSA ngenhloso yokwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyakwazi ukuthamela lemidlalo yeqembu lesizwe,” kubeka isitatimende.

AmaProteas asebenzisa iT20 ukuzama ukwenza amalungiselelo eNdebe yoMhlaba engonyaka ozayo eWest Indies.

See Also

“Mhla zingamashumi amabili nesishiyagalolunye, iCSA ithole isicelo sokugcina esiqhamuka kuSABC ebesihambisana namanani aphansi ngendlela exakile. Ngenxa yokuthi iSABC ithanyelwa yizinkumbi zababukeli okuyinto ehambisana nemigomo yeCSA yokuthuthukisa umdlalo wekhilikithi kuzo zonke izindawo, siyiCSA besizimisele ukwenza isiqiniseko sokuthi imidlalo iyasakazwa endaweni lapho wonke umuntu ezokwazi ukubuka khona iqembu lesizwe ngaphandle kokukhokha,” kuqhuba isitatimende.

ISuperSport izoyisakaza bukhoma imidlalo yamaProteas kodwa udinga ukuthi uzikhokhele zonke izinhlelo ukuze ukwazi ukuthamela le midlalo yeqembu lesizwe. Uma ukhokha kancane uzoyizwa ngendaba.

“Ngemuva kwezinsuku eziyisithupha, iSABC ithumele isicelo iCSA isiphendulile isicelo mhla ziyisikhombisa kuZibandlela iqinisekisa ukuthi iyasamukela isicelo. Ngebhadi-ke ngemuva kwamahora iCSA yamukele isicelo, iSABC isibhalele isazisa ukuthi ngeke isakwazi ukusakaza imidlalo ngoba uxhaso ebilitholile ukuze ithenge amalungelo ale midlalo luhoxile. Iminyango isavuliwe yamalungelo abekelwe isikhala sababukeli abangakhokhi ukubuka izinhlelo. Uma iSABC isibatholile abaxhasi sizimisele ngokuhlala phansi siphothule izingxoxo ngokushesha ukuze izigidi zizokwazi ukuthakasela imidlalo.” kusonga isitatimende seCSA.

Scroll To Top