Inhlangano i-EU ifaka igxalaba kwawase-Afrika



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
I-EU yemukele abaholi base-Afrika abangaphezu kwama-40 eBrussels ngoLwesine emzamweni wokubuyisela ithonya layo ezwenikazi lapho iChina neRussia zenze khona ukutshalwa kwezimali okukhulu, nalapho abaningi bezizwe bephoxekile ngokukhishwa kwemigomo yase-Europe yokhuvethe
I-European Union izohlinzeka ngamaphakheji amaningi okusekelwa engqungqutheleni yokuqinisa ezempilo, imfundo kanye nokuzinza e-Afrika, futhi izothembisa uhhafu wohlelo olusha lokutshalwa kwezimali lwama-Euro ayizigidi eziyizinkulungwane ezingama-300 olwethulwe ukuze kuncintiswe i-Belt and Road Initiative yaseChina. Kodwa umhlangano uphinde wenzeka njengoba iFrance namadlelandawonye ayo alwa nezihonga eMali ithe ngoLwesine bazoqala ukuhoxa amasosha ezweni.
Izizwe zase-Europe nezinye ezicebile zagxekwa kakhulu ngokuqongelela izinto zokuzivikela kanye nokugoma kamuva ngesikhathi sodlame, kanti abanye abaholi base-Afrika bethi ukuhamba kancane kweminikelo kungaholela “ekugomeni ubandlululo”. Ekuqaleni kukaNhlolanja, bayili-11% kuphela abantu base-Afrika ababegonyelwe ukhuvethe – okuyingcosana kakhulu kunasezingxenyeni ezicebile zomhlaba.
UMengameli waseSierra Leone uJulius Maada Bio uphonsele inselelo abantu base-Europe ukuthi bakhumbule ukuthi kukhona “abantu ngakolunye uhlangothi” e-Afrika abashiywe ngemuva ekuphenduleni okungalingani emhlabeni jikelele kokhuvethe, wengeza ngokuthi lokhu kunomthelela wezokuphepha.
Kuphinde kwaba nokudumala ngokuvinjelwa kohambo lwase-Europe eNingizimu Afrika ngemuva kokuthi okuhlukile kwe-Omicron kutholwe lapho ngasekupheleni konyaka odlule. UMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa uthe yena nabanye abaholi base-Afrika bazoluphakamisa udaba lwamalungelo obunikazi bempahla emithini yokugomela kanye nokwelashwa kokhuvethe. Amazwe amaningi asathuthuka afuna ukuhoxiswa kwala malungelo, kodwa abhekana nokuphikiswa kwamazwe acebile, kuhlanganise namazwe amaningi e-EU.
Ezishisa ibunzi
Izingxabano zijula kwezinye izingqinamba phakathi kwamazwekazi amabili anobudlelwano bamakholoni, okuhlanganisa nokuhamba kwabantu kwamanye amazwe kanye nokuguguleka kwentando yeningi emazweni amaningana ase-Afrika, amanye awo asanda kubona ukuketulwa umbuso okuhlanganisa neMali. UFrank Mattheis, uchwepheshe wezifundo zesifunda eNyuvesi Yezizwe Ezihlangene, uthe le ngqungquthela izofuna ukugqamisa izindawo lapho ukubambisana kuthembisa khona futhi kugwemeke izinkinga.
I-European Commission imemezele kuleli sonto ukuthi i-EU kanye neGates Foundation bazotshala imali engaphezu kwezigidi eziyi-100 zama-euro eminyakeni emihlanu ezayo ukusiza ukumisa ukulawulwa kwemithi yase-Afrika ukuze kukhuliswe ukukhiqizwa kwemithi nokugoma yezwekazi. Umjaho wokusungula i-African Medicines Agency (AMA) uza ngemuva kokuthi lolu bhubhane ludalule ukuncika kwesifunda emithini yokugoma evela kwamanye amazwe.
Ingaphezudlwana kwama-5% yemithi kanye ne-1% yemithi yokugoma esetshenziswa abantu base-Afrika abayizigidi eziyizinkulungwane eziyi-1.2 ikhiqizwa kuleli. I-EU ithi izohlinzeka ngoxhaso oluzosiza i-Afrika ukuthi ikhiqize imithi yokugoma engama-60% eyidingayo ngo-2040.
Ingxenye yoxhaso lwezimali lwe-AMA izovela kuma-Euro ayizigidi eziyizinkulungwane ezili-150 ezobuthelwa e-Afrika eminyakeni eyisikhombisa ezayo ngaphansi kohlelo lwe-EU lweGlobal Gateway. Ngokuhlukana, i-European Investment Bank imemezele ngoLwesine ukuthi izohlinzeka ngama-euro ayizigidi ezingama-500 emalimboleko eshibhile emazweni ase-Afrika ukuqinisa izinhlelo zokunakekelwa kwempilo. Lo mugqa wezikweletu kulindeleke ukuthi uhlanganise isamba semali eyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1 ekutshalweni kwezimali kwangasese kanye nomphakathi, kusho ibhange.
UW. Gyude Moore, umhlaziyi wenqubomgomo ophezulu eCentre for Global Development, wamukele isifungo sokutshala izimali futhi wathi uthemba ukuthi kuzoqala ubambiswano lwabantu abalinganayo bangempela. “Kodwa kunomlando omude wezithembiso ezingafezekanga njengalezi uma kukhulunywa nge-EU kanye ne-Afrika, ngakho i-African Union, nakuba inethemba elikhulu, izohlala inokungabaza kuze kube lesi sifungo siguqulwa sibe amaphrojekthi phansi.”